
Kushipha ukotshi e-Orlando, imimoya iphezulu
Kuyiwe ekhefini sekuphume amakhadi abomvu amabili emdlalweni weCaf Champions League ose-Orlando Stadium.
Yi-Orlando Pirates ehamba phambili ngo 1-0 kulo mdlalo edinga ukuwunqoba ngo 4-0, isiphithiphithi esiphethe ngamakhadi amabili abomvu siphamuke ngemuva kwegoli.
UMasindi Nemtajela uwine ibhola engaphandle kwebhokisi leSt Eloi Lupopo, wagijima nalo, wabe esededela ishodi lamudla unozinti.
Ube eselilanda ibhola ngenhloso yokuyolibeka esenta, kube yilapho ke umdlali weLupopo abe esemdudula khona.
Lo mdlali uphinde wamngqofa ngekhanda, kwabe sekungenelela uTshepang Moremi edudula lo mdlali weLupopo obe esewa kwangathi unenjwe ngenhlamvu yesibhamu esikhulu.
Unompempe ube esekhomba umdlali weLupopo naye uMoremi sekusele imizuzu embalwa kuyiwe ekhefini.
Futhi ngendlela imimoya ephezulu ngayo, kungenzeka kungabi awokugcina lamakhadi asephumile.
FUNDA NALA | Ulisethe ngendlela exakile iqembu lakhe u-Ouaddou
Kuyiwe ekhefini iPirates isahamba phambili ngawo lowo 1-0, kanti isadinga okungenani amanye amagoli amabili.
Umdlalo uvuna yona, kodwa amathuba awaveli kahle okwenza ize igcine seyikhahlelela ipali ikude.
