EzintshaMamelodi Sundowns

UCardoso ushaya amakhala ngamakhadi atholwa abeDowns

UDenis Onyango ukhishwe ngelibomvu esikhathini esifakwe unompempe benqoba ngo 3-1 behlula iMarumo Gallants ePetrus Molemela Stadium ngoLwesithathu. 

Lokhu kuphawule ikhadi elibomvu lesikhombisa elitholwe umdlalo weSundowns kule sizini.

Bese kungelesithupha kusukela kufike lo mqeqeshi odabuka ePortugal – ufike ngoNovemba.

“Indlela umdlalo ophele ngayo ibingeyinhle,” kusho uCardoso. “Amakhadi abomvu aba lula kakhulu uma eza kubabadlali bethu. 

“Lento ingazwakali kabi, ayihlangene neMarumo.” Uveze nokuthi amaqembu asepaka ibhasi ukuzama ukuvimba iqembu lakhe.

“Uma sisondela ekushayeni amagoli, umdlalo uvele umiswe nje. Kodwa angikaze ngiwabone amakhadi aphuzi okumosha isikhathi,” kuqhuba yena.

“Kodwa amakhadi abomvu abheke kwiSundowns kulula ukuwakhipha.” 

Ekuphumeni kuka-Onyango, kube uTapelo Morena ongena ezintini futhi akangangenelwa goli. 

UCardoso uthe uMorena uke avimbe ngakho bebengakhathazekile ngesikhathi kudingeka angene ezintini. 

Ukunqoba kusho ukuthi iSundowns inwebe igebe eshiya ngalo i-Orlando Pirates laba ngelamaphuzu angu-12.

Nokho iPirates isalele emuva ngemidlalo emithathu kwazise nobekumele iwudlale ngoLwesithathu uhlehlisiwe.

Lo mdlalo obekumele ube seMpumalanga Stadium, eHammarsdale uhlehlile ngenxa yokuthi inkundla beyigcwele amanzi.