EzintshaKaizer Chiefs

Obezinze phesheya uvuma izingxoxo nesifiso anaso ngeChiefs

Amakhosi asemkhankasweni wokuqinisa iqembu lawo futhi athungatha abadlali baseNingizimu Afrika abangaphandle kwezwe njengamanje.

Asevele akwazile ukubuyisa uNkanyiso Shinga no-Ethan Chisslett kuleli windi lamanje lokudayiselana ngabadlali, kanti abuyisa uThabo Cele kwelidlule. 

Manje kubukeka sengathi uLebo Phiri ungomunye walabo iKaizer Chiefs esacabanga ukubabuyisa ekhaya. 

Abanye babadlali okukholakala ukuthi iChiefs ixoxa nabo kukhona nomgadli weBafana Bafana uMihlali Mayambela naye ovumile ukuthi uyawuthanda umqondo wokubuyela ekhaya.

“Yebo, iKaizer Chiefs ixhumanile nami nabamele mina. Sibe nezingxoxo ezincane naMakhosi,” kusho uPhiri kwiSunday World.

“Kodwa ngicabanga ukuthi njengoba bebelungiselela uhambo lwaseNetherlands ngaleso sikhathi, izingxoxo ziphazamisekile kancane. 

“Kodwa ngethemba ukuthi ezinsukwini noma amasonto ezayo, izingxoxo zethu zizoqala kabusha, futhi sizoqhamuka nokuthile.”

UPhiri ushiye umnyango wokujoyina iKaizer Chiefs uvuliwe, kodwa waveza ukuthi uzobheka ezinye izindlela uma bengavumelani.  

“Uma kwenzeka sivumelana ngokuthile, ngizoba lapha, kodwa uma kungenjalo, ngizoya kwenye indawo futhi ngiqhubeke nokuphusha.” 

UPhiri wakhiqizwa yinkulisa yeBidvest Wits kanti usanda kuhlukana neqembu laseFrance Ligue 2 i-EA Guingamp ngemuva kokuphela kwenkontileka yakhe yezinyanga ezinhlanu.  

Njengoba amaqembu amaningi eseya emaphethelweni amalungiselelo esizini entsha, lo mdlali oneminyaka engu-30 ubudala, uthe usabheka nakwezinye izesheli.  

“Ngicabanga ukuthi ngenze okungangamandla ami kuwo wonke amaqembu engidlale kuwo ukuthola amathuba engiwanikiwe,” kwengeza yena.

Uthe iqembu lakhe elilandelayo usefisa kube ngelokugcina, okusho ukuthi useyodlala kulo kuze kube uwaphonsa emgibeni amakhokho. 

 Okhulumela iKaizer Chiefs, uVina Maphosa, uthe leli qembu aliphawuli ngabadlali abangenankontileka nalo. 

“Asikaze sikwenze lokho njengeKaizer Chiefs, kungabe kuyaqala ngami ukukhuluma ngomdlali ongabhalisiwe neqembu.” 

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO