
Uhlalelwe yisinqumo uSirino ngekusasa kwiKaizer Chiefs
Ikusasa lomdlali wasesiswini weKaizer Chiefs, uGaston Sirino, libukeka lingaqinisekisiwe njengoba inkontileka yakhe eNaturana ingena ezinyangeni eziyisithupha zokugcina.
UGaston Sirino ujoyine iKaizer Chiefs ngenkontileka yeminyaka emibili ngemuva kweminyaka eyisithupha nesigamu egcwele izindebe kwiMamelodi Sundowns.
Manje njengoba esevumelekile ukusayina inkontileka yesibambiso nelinye iqembu, lo mdlali oneminyaka engu-34 ubudala unezinqumo okumele azithathe.
Kuvela ukuthi izingxoxo ngekusasa lakhe kwiChiefs zisamisiwe okwamanje okumshiya engazi ukuthi ubhekephi.
Ngokubika kweKickOff, imithombo yekilabhu iphakamisa ukuthi isimo senkontileka kaSirino akuyona into ephambili kuleli qembu laseSoweto.
Kunalokho, leli qembu ligxile kakhulu ekutheni lo mdlali afake isandla enkundleni njengoba iChiefs ijaha izicoco emiqhudelwaneni emithathu.
Amakhosi ase,bangweni wesicoco kwiBetway Premiership, iNedbank Cup neCaf Confederation Cup.
USirino – ohlanganisa iminyaka engu-35 ngoFebhuwari – usangena abuye akhishwe eqenjini kule sizini futhi akakaze awudlale uze uphele umdlalo.
Lokho kungenzeka kube nomthelela esinqumweni sokugcina seChiefs lapho izingxoxo ziqala kabusha, okulindeleke kwenzeke ngoMeyi.
Yize elithola amacozucozu ijezi uGaston Sirino, useshaye amagoli amahlanu wasiza ekwakheni ayisishiyagalombili kwiKaizer Chiefs.
Ngaphandle kwenkundla, lo mdlali wasesiswini owazalelwa e-Uruguay usezinzile eGoli nomndeni wakhe.
FUNDA NALA | IStellies sincenga iPirates ngomgadli
Lokho kuzinza kungase kudlale indima ebalulekile eesinqumweni azosithatha ngekusasa lakhe.
ZITHOLE ZISHISA:Â Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
