EzintshaOrlando Pirates

U-Ouaddou ucacisa ekaRadiopane, nokunyamalala kukaMakgopa

Umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou usephawule ngokubuya kukaBoitumelo Radiopane ngemuva kokulimala isikhathi eside.

UBoitumelo Radiopane ubuye ngesikhathi iPirates ishaya AmaZulu FC e-Orlando ngo 3-0 e-Orlando Amstel Arena ngoMgqibelo ntambama.

Ungene esuka ebhentshini ngesiwombe sesibili, ethatha indawo kaYanela Mbuthuma.

Ungene umsebenzi usuvele uqediwe ngamagoli oMbuthuma, Oswin Appollis noRelebohile Mofokeng aqinisekise amaphuzu agcwele. 

Njengoba iPirates isemjahweni oshubile, u-Ouaddou uveze ukuthi ukufakwa kukaRadiopane kube yisinqumo esicutshungulwe kahle. 

“URadiopane usebenze kanzima ukuze abuye,” kusho u-Ouaddou. “Uzikhandlile ejimini, futhi sabona ukuthi besekuyisikhathi esifanele sokumnika ithuba.”

Lo somaqhinga waseMorocco uphinde waqinisekisa ukuthi ukungabi bikho kuka-Evidence Makgopa kube ngenxa yohlelo lokudlala. 

Uthe inhloso bekuwukumphumuza ukuze abe sesimweni esifanele uma sebemdinga. Yize engalikhiphanga ngembaba, kodwa kuyacaca ubemongela idabhi.

“Kubalulekile ukuthi abagadli bethu bancintisane. Ukunikeza imizuzu uRadiopane kusiza ukwakha ukuzethemba. 

“Kuphinde kumbonise ukuthi ithimba labaqeqeshi liyakubona ukusebenza kwakhe,” kwengeza u-Ouaddou.

UBoutumelo Radiopane ube nesizini engeyinhle. Uyiqale kahle kunguye oqala imidlalo phambili jwaze kwaba uyalimala.

Ekubuyeni kwakhe ufice umbango usushubile kuMbuthuma noMakgopa njengoba iPirates idlala ngomgadli oyedwa.