EzintshaOrlando Pirates

Obecija i-Orlando Pirates uvuka ngomsebenzi omkhulu eSwatini

Lokhu kulandela ukuvela kwezindaba zokuthi usezojoyina ompetha abasha baseSwatini iNsingizini Hotspurs.

IHotspurs yiyo enqobe isicoco seMTN Premier League kule sizini, okuyenza ingene kwiChampions League.

Ivale isizini ngokunqoba ngo 5-0 ishaya iSidwashini United eSomhlolo Stadium ngeSonto. 

Lokhu kunqoba okuyingqophamlando bekuholwa ngowayengumqeqeshi weGolden Arrows uSimon Ngomane.

Ngemuva kokunqoba isicoco, umengameli weqembu, uDerrick Shiba, ukuqinisekisile ukuthi uNgomane uzoshintshela ekubeni ngumqondisi wezokuqeqesha.

“Usibonile, sitshale imali kumqondisi wezokuqeqesha, sesivele sitshale imali kumqeqeshi omusha.

“Umqeqeshi omusha uzomenyezelwa emahoreni angu-72 alandelayo jengoba silungiselela iCaf Champions League,” kusho uShiba kwabezindaba.

I-FARPost ibika ukuthi lowo mqeqeshi nguMandla Qhogi ochithe iminyaka eminingi ezinkulisa ze-Orlando Pirates. 

Ngesizini edlule ubeqeqesha iqembu leMotsepe Foundation Championship iMilford FC kodwa washeshe wachithwa.

Kodwa sekuvele ukuthi kumanje usezingxoxweni esezisezingeni eliphezulu neNsingizini Hotspurs.

UQhogi usebenze iminyaka engu-18 ezinhlakeni zokuthuthukiswa kwamakhono kwi-Orlando Pirates. 

Uqeqeshe kakhulu iqembu leDStv Diski Challenge (DDC) ngaphambi kokuthi uJoseph Makhanya athathe izintambo kumasizini amabili edlule.

Ngesikhathi ekumaBhakabhaka, ube nesandla ekukhuliseni amakhono afana noRelebohile Mofokeng, uLyle Foster, uZakhele Lepasa, uThabiso Monyane, uThabiso Sesane, noBoitumelo Radiopane.

Uhlome ngeCaf A License neScottish Ueaf C License kanti uQhogi useke wakuveza ukuthi usekulungele ukwenyukela ezingeni elilandelayo kwezokuqeqesha.

Lo somaqhinga okhaliphile udonse isasasa emaqenjini afana neSilver Strikers, iJwaneng Galaxy eBotswana.

Kukhona namaqembu amaningana aseNingizimu Afrika adlala esigabeni sokuqala abemfuna.