
Ugajiwe oweChiefs, oweBucs uyisethenjwa
- Intatheli yeLISENETHINI
Umdlali wasemuva weKaizer Chiefs u-Inacio Miguel ushiywe ngaphandle esikwatini sabadlali abangu-26 be-Angola esizodlala emidlalweni yokugcina emibili yokuhlungela i-Afcon ka-2025.
I-Angola izobhekana neGhana neSudan kule midlalo. Khonamanjalo, uGilberto we-Orlando Pirates yena ukhona kulesi sikwati yize engadlali njalo.
IBlack Antelopes isivele ingenile emqhudelwaneni ozoba seMorocco. Manje seyibheke ukuqeda umkhankaso wayo ngenothi eliphezulu.
UMiguel, oneminyaka engu-28, ubonakala engumdlali obalulekile kwiChiefs kule sizini.
Usayidlale yonke imidlalo ngaphandle kowodwa – akadlalanga bebambana ngo 2-2 neMagesi ngenxa yokumiswa kulandela ukuqoqa kwakhe amakhadi aphuzi amane.
Nokho umqeqeshi we-Angola, uPedro Goncalves, usenqume ukumshiya ngaphandle uMiguel kulokhu.
Lokhu kuza ngemuva kokungenzi kahle kwakhe kwakamuva, okuhlanganisa nekhadi elibomvu alithole iChiefs ihlulwa ngo 4-0 yiMamelodi Sundowns kwiCarling Knockout Cup.
UMiguel, owazalelwa ePortugal, usadlale imidlalo emihlanu kwi-Angola kusukela ngo-2020.
Manje kufanele ukuthi uzogxila ekubuyiseni ifomu yakhe ukuze abuyele esikwatini ngaphambi kokuthi kuyiwe eMorocco.
Ngasohlangothini lukaGilberto, ubukeka engomunye wabadlali uGoncalves abathembile nakhela phezu kwabo iqembu lakhe.
Akasali esikwatini salo mqeqeshi yize esaqale imidlalo emibili kuphela kwiPirates, wadlala neminye embalwa esuka ebhentshini.
