UMngqithi akawuvali ngentwana emkhumbuza uMabizela
- Sibongiseni GUMBI
UManqoba Mngqithi usencome umdlali osemncane weMamelodi Sundowns, uMalibongwe Khoza ambona enekusasa elihle ebholeni.
Uthi uKhoza umkhumbuza inkakha yakuleli, uMbulelo Mabizela owazakhela igama kwi-Orlando Pirates neBafana Bafana.
UMnqgithi wake wasebenza noMabizela besekwiMaritzburg City kudala, ngaphambi kokuthi bobabili baziwe.
UMabizela waba ngukaputeni wokuqala wePirates neBafana esemncane kanti indlela ayenekhono ngayo wagcina eya phesheya.
Nokho ukuhluleka ukuziphatha kwagcina kuqeda ngaye ebholeni. Muva nje ubengumqeqeshi ezinkulisa zaMaZulu FC.
Kodwa nakhona ugcine ehluleka njengoba ebebuye enyamalale engaziwa ukuziphi izinkalo.
Manje uMngqithi ubona iNingizimu Afrika isiphinde yabusiswa ngethalente elifanayo kuKhoza oneminyaka engu-20.
“UKhoza unalo ithalente elifanele. Ungukhumbuza uMbulelo Mabizela,” kusho uMngqithi kuleli sonto.
“Ngaba nenhlanhla yokwazi uMbulelo engakabi negama, esadlala ezigabeni eziphansi. Ngiyalazi ithalente lakhe.
“Into mhlawumbe ewumehluko kuKhoza noMbulelo wukuzazisa. UMbulelo wayezethemba kakhulu.
“UMali akazigqaji nngaleyo ndlela, unomoya ophansi. Kwesinye isikhathi ebholeni uma unomoya ophansi ugcina ungafikanga ezingeni elikufanele.
“Kodwa ngiyakholwa wukuthi unekusasa elihle kakhulu,” kwengeza lo mqeqeshi.