EzintshaOrlando Pirates

UDoctor Khumalo uphawula ngesinsolo zokuzonda iPirates

Lokhu kungemuva kokusolwa ngabalandeli be-Orlando Pirates “ngokuba nenzondo ejulile” ngeqembu labo nokuchema ekuhlaziyeni kwakhe. 

UDoctor Khumalo – owayeyisihlabani ekilabhini naseqenjini lesizer ngezikhathi zakhe – usengumhlaziyi kwiSABC Sport.

Lo mbango usukela emazwini uKhumalo awasho ngesonto eledlule mayelana nesimo esikhona njengamanje somjaho wesicoco seBetway Premiership.

Ube esekhala ngokuthi amanye amaqembu akungoba enza kahle, kodwa kungoba iMamelodi Sundowns ibhekene nezivunguvungu zangaphakathi.

UKhumalo nokho usekucacisile ukuthi amazwi akhe abengaqondile ukweya impumelelo yePirates.

Kodwa kunalokho ubegxeka izinga leligi iyonke njengoba ompetha abavikela isicoco bengekho ezingeni abaziwa ngalo kulokhu.

Indaba isuke lapho uKhumalo ebuzwa ngombango wesicoco seligi okukhona kuwo bobathathu iPirates, iSundowns neChiefs. 

Njengoba iPirates kuyiyo ehamba phambili kulo mjaho, abanye bacikwe amazwi kaDoctor Khumalo okuthi “iSundowns yehlise izinga layo.” 

Lokhu bakuhumushe njengemizamo yokwehlisa isithunzu sePirates ngokuthi iphambili nje kungoba iSundowns iyaxhugela.

“Akuzange kube yimi oveza izinkinga zeSundowns,” kuchaza uKhumalo, efuna ukuziqhelelanisa nesiphithiphithi sangaphakathi eChloorkop. 

“Eqinisweni nje, mina ngaleso sikhathi bengingazi nokuthi banenkinga nomhlaziyi (uMario Masha).” 

UKhumalo ubalule ukuthi inkulumo yakhe beyiyimpendulo yombuzo obuzwe yintatheli yeSABC Sport uVelile Mbuli.

Le ntatheli ibuze ukuthi, “ingabe iChiefs nePirates kumele balisebenzise kanjani ithuba njengoba kunezinkinga zangaphakathi kwiSundowns?”.

  • Ukunqoba okuhle: UKhumalo usamile ekutheni ukuze ukunqoba isicoco kube “kuhle,” kufanele ushaye izimbangi zakho zisezingeni lazo.
  • Ukuxhugela kweSundowns: Wavuthela umlilo ngokuthi, “Kungani kufanele ulinde ukuthi ikhubazeke bese usebenzisa lokho… bese uzibona ungcono?”
  • Umbono ngeligi iyonke: Ucacise ukuthi okumkhathazayo kungePSL iyonkana.
    Uthi uma iSundowns iqinile lokho kuphoqa wonke amanye amaqembu ukuthi nawo akhuphule izinga lawo, okugcina kuhlomulisa iBafana Bafana.

Ekhuluma ngqo ngezinsolo “zokuchema”, uKhumalo ukhumbuze abalandeli ukuthi ubelokhu eyincoma iPirates phambilini, ikakhulukazi ngokwenza kahle kwiCaf.

“Bengingabhekisile kunoma yiliphi iqembu ngalodwana ngoba ngabe sengivimba wonke amaqembu ukwenza umzamo wokuba ngcono kwiPSL,” kwengeza yena.

UDoctor Khumalo uthi yena ubengabhekisile kwiPirates futhi ubengaliwi nayo; kodwa isifiso sakhe wukuthi wonke amaqembu ePSL abhukule.

Abalandeli bePirates basala nomuzwa wokuthi lokhu ukusho ngesikhathi esingesihle — uma kubhekwa ukuthi iqembu labo lidlala ibhola elihle futhi liphezulu kwilogi.

Kodwa iphuzu lale ngwazi yeBafana Bafana ligxile ezingeni lePSL lilonke kuneqembu elithile.