
UThemba Zwane uveza okune okufike noCardoso kwiDowns
Ukaputeni weMamelodi Sundowns, uThemba Zwane, uthi umqeqeshi uMiguel Cardoso useyithuthukise kakhulu indlela iqembu elidlala ngayo.
UMiguel Cardoso uthathe izintambo ngoDisemba, engena endaweni kaManqoba Mngqithi.
Usevele ke unasi isicoco sokuqala kuleli qembu njengoba iSundowns iphinde yadla eseBetway Premiership okwesishiyagalombili kulandelana.
Manje, lo mqeqeshi odabuka ePortugal usengase anqobe esezwekazi.
ISundowns izokwamukela iziqhwaga zaseGibhithe iPyramids emlenzeni wokuqala womdlalo wamanqamu weCaf Champions League.
Lo mdlalo uzoba seLoftus Stadium ngoMgqibelo, kanti owomlenze wesibili wona uzoba seCairo ngoJuni 1.
Kungokokuqala leli qembu libonakala kowamanqamu selokhu lanqoba le ndebe ngo-2016 ngaphansi kukaPitso Mosimane.
UThemba Zwane, ongomunye wabadlali abambalwa abasasele abebekhona ngesikhathi beyinqoba okokuqala, kanti useveze usintsho olufike noMiguel Cardoso.
Uthi lo mqeqeshi ufake umdlandla omusha, kanti namacebo akhe okudlala mahle futhi enza kudlaleke kahle.
Ekhuluma ekomkhulu leqembu eChloorkop, uMshishi uveze izindawo ezine lo mqeqeshi azithuthukisile kwiSundowns.
“Ngicabanga ukuthi umqeqeshi uyithuthukisile indlela esidalla ngayo,” kusho uZwane.
“Okokuqala nje, ibhola sesiligcina kahle kakhulu manje.
“Okwesibili, siphushela izimbangi ophikweni olulodwa, bese sishintsha umdlalo ngobuhlakani.
“Okwesithathu, silinda isikhathi esifanele sokubangena, sibahlasele ngokushesha.
“Okokugcina, sineminyakazo eya phambili ephumelelayo, ekwaziyo ukugqobhoza udonga lwasemuva lwezitha.”
UZwane wengeze ngokuthi isitayela abasidlalayo manje siletha injabulo kubo enkundleni
“Indlela yethu yokudlala isenza sijabule njengabadlali. Sidlala ngokumamatheka. Siyakujabulela ukudlala.”
Lo mdlali wasesiswini weBafana Bafana usanda kwelulama ngokugcwele ekulimaleni kodwa akakabuyeli ezingeni lokuqala imidlalo.
Yize kunjalo, unethemba lokuthi uzodlala ngoMgqibelo, asize iqembu lithole umphumela omuhle.
Isipiliyoni sakhe sizoba mqoka njengoba iSundowns ihlose ukuphinde inqobe le ndebe engenkulikazi e-Afrika ebholeni lamakilabhu.
UCardoso naye ubheke ukuzithoba inhliziyo ngemuva kokuhlulwa kowamanqamu nyakenye esekwi-Esperance yaseTunisia.
