
UCardoso usola ‘okunuka santungwana’ ngekhadi likaMokoena
UTeboho Mokoena ngomunye wabadlali iMamelodi Sundowns okuzomele idlale bengekho uma seyibhekene ne-Orlando Pirates ngoMgqobelo.
Lezi ziqhwaga zebhola lakuleli zizokhiphana inkani emdlalweni weBetway Premiership eLoftus Stadium ngoMgqibelo ntambama.
Umqeqeshi weSundowns, uMiguel Cardoso kuzomele athole ozovala isikhala senye yezinsika zeqembu lakhe uTeboho Mokoena njengoba ezobe engekho.
Lo mdlali wasesiswini uthole ikhadi lakhe lesine eliphuzi bebhekene neMarumo Gallants emdlalweni weCarling Knockout.
Leli khadi lisho ukuthi kumele ame umdlalo owodwa engadlali – okuwumdlalo omqoka la bezobhe bebhekene khona nePirates.
UCardoso ukhale ngaleli khadi, wathi indlela elatholakala ngayo ayimlalisi ubuthongo ebusuku ngoba unezinsolo ngalo.
“Kuwukuqondana kwezinto okumangazayo ukuthi athole ikhadi eliphuzu emizuzwini yokugcina ekubeni emdlalweni olandelayo sidlala nePirates.
“Mina ngiyakholelwa ekuqondaneni kwezinto,” kusho lo mqeqeshi odabuka ePortugal kuleli sonto.
“Sengethemba ukuthi umdlali esizomfaka esikhaleni sakhe uzokwazi ukuba sezingeni elifanayo.”
Uphinde wakhala ngokuthi leli khadi liqhamuka nje uTeboho Mokoena uqeda kudlula esimweni esinzima esenzeka edlala kwiBafana Bafana kungafanele enamakhadi aphuzi amvimbelayo.
“Ngicabanga ukuthi kucacile kuwo wonke umuntu ukuthi uTeboho ube nesikhathi esinzima empilweni yakhe nbgenxa yesimo abebhekene naso,” kuqhuba uCardoso.
“Akekho ofisa ukuthi igama lakhe lithinteke esimweni esiphazamisa izwe lonke, futhi abezophila nayo impilo yakhe yonke.
“Ngemuva kokuphumelela kweBafana uTeboho ungumdlali ohlukile kakhulu futhi sijabule ngalokho.”
FUNDA NALA | UHunt usophe ukuvuka ngeChiefs, uShabalala uthi nje ‘Choo’
Yize iBafana yaphucwa amaphuzu amathathu ngenxa yesimo sakhe, igcine ikwazile ukungena eNdebeni yoMhlaba.
