
Owe-Al Ahly uveza iqiniso ngokufuna uSaleng
Kuyiqiniso ukuthi izinkunzi zase-Egypt, i-Al Ahly zike zaba nentshisekelo kumdlali wasesiswini we-Orlando Pirates uMonnapule Saleng.
IPirates ike yakhipha isitatimende iphika ukuthi kukhona amaqembu ayifune uMonnapule Saleng kodwa yona yenqaba.
UMonnapule Saleng akakaze adlale kwiPirates kusukela ngoDisemba 7.
Ugcine ukubonakala bedlala ngokulingana ngo 0–0 ne-Al Ahly kwiCaf Champions League e-Orlando Stadium.
Kusukela lapho, ubengekho yize ukunyamalala kwakhe kungakaze kucaciswe ukuthi kubangelwa yini.
IPirates eyakwenza nje wukuchitha imibiko yokuthi akeneme ngoba yenqaba ukumdedela kunamaqembu amfunayo.
Manje, obeyinhloli ye-Al Ahly uHany Ramzy usekuqinisekisile ukuthi bake bamfuna lo mdlali.
Ekhuluma kwiKora Talks Podcast, uRamzy uthe i-Al Ahly ibimfuna uthuli uMonnapule Saleng.
“USaleng ungumdlali esimbona esezingeni eliphezulu impela. Simbona efana noPercy Tau ngesitayela, kodwa yena uyashesha futhi unekhono kakhulu.”
URamzy wengeze ngokuthi umqeqeshi we-Al Ahly wangaleso sikhathi, uMarcel Koller ubemthanda uSaleng.
“Sazama ukumthola esikhathi esidlule. Kodwa akuzange kuvunyelwane ngokudayiselana ngaye.”
Yize lo mnyakazo ugcine ungenzekanga, uSaleng usengomunye wabadlali abahle kakhulu eNingizimu Afrika.
IPirates ayikasikhiphi isitatimende esisemthethweni ngokuthi kwenzakalani ngalo mdlali.
Kodwa ukukhuluma ngoSaleng nekusasa kuya ngokushuba njengoba kuvela amahlebezi ahlukene cishe masonto onke.
Eminye imibiko iveza ukuthi usesayine inkontileka yesibamnbiso neKaizer Chiefs.
Uma lokho kungenzeka, kungalinyakazisa kakhulu ibhola laseNingizimu Afrika kwazise lamaqembu angomakhelwane kodwa awadli gqoko lunye.
Ikusasa lalo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala aliqinisekisiwe njengamanje.
Kodwa njengoba iwindi lokudayiselana ngabadlali lisondela, izinto zingajika ngokushesha.
Okwengeza isinongo kulolu daba lwakhe wukuthi uJose Riveiro, obengumqeqeshi kaSaleng kwiPirates, usekwi-Al Ahly.
Ngabe lokhu kusho ukuthi le kilabhu ingabuya nesicelo esisha kwiPirates?
Umnyakazo olandelayo kaSaleng ungase ube yindaba enkulu kakhulu ebholeni lakuleli.
