EzintshaKaizer Chiefs

UBruce Bvuma useziphendulele ngokugxekwa u-Itumeleng Khune

U-Itumeleng Khune usanda kuzwakalisa ukuphoxeka ngokuthi uBruce Bvuma akazange asithathe iseluleko sakhe.

Uthi wabeluleka benoRonwen Williams ngesikhathi esebenza nabo kwiKaizer Chiefs nakwiBafana Bafana ngokwehukana.

UKhune, ovimbe kwiChiefs iminyaka engaphezu kuka-15, uthe wake watshela uWilliams ukuthi akalwele indawo yakhe eqenjini lesizwe.

Uthi wathi indaba yokwakha ubungani kumele ize ngemuva, kumele baqhube phambili umbango wendawo yokuqala imidlalo. 

Ukholwa ukuthi lesi seluleko sisize uWilliams ukuthi abe ngunzinti ohamba phambili kwiMamelodi Sundowns neBafana Bafana.

Kodwa u-Itumeleng Khune unomuzwa wokuthi uBruce Bvuma yena akazange alisebenzise ithuba bendawonye ukuthi afunde. 

Uveze ukuthi kuyamphoxa ukuthi uBvuma namanje usazabalaza ukwenza ijezi kube ngelakho futhi usenza namaphutha angafanele.

Kodwa uBvuma uphendule ngendlela ekhombisa ukukhula. Uncome umlando kaKhune futhi wambiza ngengqalabutho yangempela yebhola laseNingizimu Afrika.

“Lalela, u-Itu uyinkakha yale kilabhu. Lokhu akwenzele iqembu, angicabangi ukuthi kukhona umuntu esizukulwaneni sethu oyoke akwenze,” kusho uBvuma.

Wengeze ngokuthi uyamhlonipha uKhune futhi namanje usakhuluma naye.

“Noma ngabe kwenzekeni, sekwenzekile. Noma yini ayishilo, useyishilo… 

“Mina ngigxile ekwenzeni kahle eqenjini nasekufinyeleleni ezingeni eliphezulu engingafinyelela kulo,” kusho uBvuma.

Lo nozinti oneminyaka engu-29 ubudala uzimisele ngokusiza Amakhosi ukuthi aphinde abe yiqembu eliphambili ngezindebe kuleli.

Kulo Mgqibelo uzophokophela ukungangenelwa goli njengoba iChiefs izobhekana neMarumo Gallants emdlalweni weBetway Premiership eFNB Stadium.

UBvuma usegcine unemidlalo eyisishiyagalombili engangenelwa goli emidlalweni engu-21 kule sizini. 

Uyavuma ukuthi ubengenza kangcono kunalokhu, futhi yilokho akulwelayo njengamanje.

“Bengingenza kangcono. Nakanjani, kunezinto ebengingazenza kangcono, kodwa engingakwenza manje wukugxila kwinselelo elandelayo,” kuqhuba yena.

UBvuma nguye osengunozinti wokuqala ngaphansi komqeqeshi uNasreddine Nabi. 

Udlala ngaphambi kukaFiacre Ntwari, uBrandon Petersen, noKarabo Molefe.

UBvuma uthi amehlo akhe yena asebhekene nenselelo elandelayo. 

Lo mdlalo wangoMgqibelo e-FNB Stadium yiwona obalulekile kuye njengamanje.