
UBrandon Petersen uphawula ngethuba lakhe kwiBafana Bafana
Unozinti weKaizer Chiefs, uBrandon Petersen uthi uzoqhubeka nokugxila emsebenzini wakhe bese eyokungena kwiBafana Bafana ayishiye ezandleni zikaNkulunkulu.
UPetersen ukhulume ngemuva kokuphinde aqokwe njengomdlali ovelele ngesikhathi iChiefs ishaya AmaZulu FC ngo 1-0 ngoMgqibelo.
Uphinde akangangenelwa goli kanti lokhu bese kungokuka-15 emidlalweni engu-24 yeBetway Premiership kule sizini.
Ukudlala kahle kwakhe kubikwa ukuthi sekumhehele iso lomqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos.
UBroos uke washo ukuthi uPetersen ubesezinhlelweni zakhe zekhempu kaMashi kodwa kwaphoxa ukuthi lo nozinti agule, adinge ukuyohlinzwa.
Umbango wezindawo eqenjini lesizwe ushubile. Abadlali abajwayele ukuqokwa uRonwen Williams noSipho Chaine kulindeleke ukuthi bafakwe kweliya kwiNdebe yoMhlaba.
Indawo yokugcina kanozinti ingase ibangwe nguPetersen, uRenaldo Leaner weSekhukhune United noRicardo Goss weSiwelele.
Ebuzwa ngethuba lakhe lokungena kwiBafana Bafana, uBrandon Petersen uthe yena ugxile ekwenzeni umsebenzi wakhe kuMakhosi.
“Ngicabanga ukuthi, kimina, ithemba lihlala likhona,” kusho uPetersen ngemuva komdlalo obuseMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo.
“Kodwa ekupheleni kosuku, uMdali onqumayo. Thina singalawula lokho esingakwazi ukukulawula…
“Lokho wukudlala ngokuzimisela masonto wonke, njalo uma uthola ithuba.
“Yilokho kuphela engingakulawula mina. Ngakho-ke, okunye, ngikushiya ezandleni zikaNkulunkulu futhi ake sibone ukuthi kuzokwenzekani.”
