EzintshaKaizer Chiefs

Udidekile uNabi ngeChiefs ihlulwa yi-Arrows

UNasreddine Nabi ubebukeka ekhathazekile futhi uvumile ukuthi iqembu lakhe alizange lenze okwanele ngesikhathi lihlulwa yiGolden Arrows ngo 1-0.

IChiefs yehlulwe Abafana Bes’thende eMoses Mabhida Stadium emdlalweni weBetway Premiership ngeSonto ntambama.

Ukudlala kukaGladwin Shitolo esiwombeni sesibili yilo elisize i-Arrows inqobe futhi ithole amaphuzu aphelele.

Ekhuluma ngemuva komdlalo, uNabi uthe iqembu lakhe alizange lakhe amathuba anele, kodwa belingakuthola okuthile kulo mdlalo.

 “Kuyinto efanayo ngaso sonke isikhathi. Uma ungawasebenzisi amathuba akho, unika imbangi ithuba lokubuya emdlalweni.

“Uma bethola ithuba futhi balisebenzise, kube sekufuneka ujahe umdlalo,” kusho uNabi.

“Umphumela wanamuhla uyakhohlisa. Siyazi ukuthi asizange senze kahle namuhla.

 “Mhlawumbe asiwakhanga amathuba anele, kodwa abenele ukuthi sithole okuthile.

“Cishe sibe namathuba alula kunawo wonke akhiwe yimbangi yethu namuhla kodwa ke kunjalo nje.” 

IChiefs izoba nesonto lonke lokuthi uNabi alungise lokho anomuzwa wokuthi kudinga ukulungiswa eqenjini lakhe.

Umdlalo olandelayo waMakhosi usezinsukwini eziyisikhombisa ezizayo la izobhekana khona neSekhukhune United.