AmaZuluEzintsha

UZwane uveza okwenze azibe abebemshela, ahlale kuMaZulu 

Umqeqeshi waMaZulu FC u-Arthur Zwane usephumele obala ngesinqumo sokuhlala Osuthwini yize bekukhona amakilabhu abemfuna ngemali engcono.

UZwane uthe wanquma ukuhlala ngoba uyakholelwa kumsebenzi awunikwe kuMaZulu futhi akazange afune ukushiya umsebenzi wakhe ngenxa yemali.

Yize engadalulanga amagama amakilabhu abemfuna, uthe lezi zindaba zivamile uma kuphela isizini.

Nokho imibiko ibiveze ukuthi uZwane ubefunwa uthuli yiSekhukhune United ngaphambi kokuthi iqashe uCedric Kaze. 

“Iqiniso wukuthi njalo uma isizini isizophela kuzohlezi kunezinkulumo ezinjalo,” kusho uZwane ekhuluma kuKhozi FM.

Uthe izindaba zokuthi umqeqeshi noma abadlali bazohamba ziyingxenye yebhola.

U-Arthur Zwane uthe yena, usihlalo, ibhodi nesikhulu esiphezulu bekucacile kubo ukuthi uhlelo lwekilabhu luyini.

“Yingakho bekungekho obetatazela ngokuthi ngizohamba,” kusho yena.

Lo mqeqeshi uthe umsebenzi waMaZulu ubaluleke kakhulu empilweni yakhe.

Uthe yiwo owamnika ithuba lokushiya kwiKaizer Chiefs ayesebenze kuyo iminyaka eminingi.

“Ngeke ngiwulahle nje ngoba abantu bekhuluma kahle nami,” kusho uZwane.

Uthe kusukela esadlala ibhola ubengakaze agijimele imali kuphela. Uthe ubelokhu enamathela kulokho akholelwa kukho.

“Ngicabanga ukuthi yilokho okwenze ngadlala isikhathi eside,” kuqhuba yena.

U-Arthur Zwane uthe ufuna nabanye bafunde ukuthi impumelelo ayiveli ngokugijimela zonke izithembiso.

Uthe uzizwa esekhaya kuMaZulu futhi ukholwa ukuthi uNkulunkulu nguye omholele kuleli qembu.

“Umoya wami usathi ngikahle la. Ngeke ngivume ukuhamba,” kuphetha uZwane.