
OweChiefs nolwazi olusha ngokubuya kukaMsimango noDortley
Udonga lwasemuva lweKaizer Chiefs lusenze kahle kakhulu njengoba leli qembu lingakangenelwa goli emidlalweni emibili elisayidlalile.
Ubumbano olubonakala lukhula phakathi kukaMiguel Inacio no-Aden McCarthy lwenza iChiefs ibe yinhle emuva kule sizini.
Ikwazile ukuvimba ngempumelelo iStellenbosch FC ebisihlasela ngamandla emdlalweni wokuqala weBetway Premiership, iChiefs yagcina inqobe ngo 1-0.
Nakowesibili lukwazile ukuchitha yonke imizamo yePolokwane City, Amakhosi aphinda aqoqa amaphuzu aphelele enqoba no 1-0.
Manje uDortley – obesengumdlali weBafana Bafana ngaphambi kokuthi alimale – noMsimango bayabuya maduze ukuzokwengeza umbango wezindawo emuva.
Yize engasibenkanga ngembaba isikhathi laba ababili abazobuyela ngaso ngokuphelele eqenjini, uBen Youssef uthe kuzoba semasontweni ambalwa ezayo.
“UDortle usaqhubeka nokusebenza nethimba lezokwelapha elenza umsebenzi omuhle ngaye,” kusho uYoussef oyiphini lo mqeqeshi.
“Maduze – ngicabanga ukuthi emasontweni ambalwa ezayo – uzobe esebuyile ngokunjalo noGiven futhi bazoqala ukujima ngokugcwele neqembu.”
Njengoba kuzobuya laba bobabili, kusekhona noZitha Kwinika olwela le ndawo yasemuva maphakathi nenkundla kanti abaqeqeshi bazophathwa yikhanda uma sekumele baqoke abazoqala imidlalo.
UYoussef noCedrica Kaze yibo abahola iqembu njengoba umqeqeshi oyinhloko uNasreddine Nabi engekho nje okwammanje.
“Ngicabanga ukuthi siyiqede kanzima isizini edlule,” kwengeza uYoussef ebalula ukulinyalelwa abadlali basemuva njengesithiyo esibi.
“Siqedele imidlalo yokugcina singenaye umdlali wasemuva ebhentshini. OMsimango, uZitha noDortely bebelimele bonke.
“Sabe sesinyusela u-Aden eqenjini elikhulu emidlalweni emibili yokugcina.
“Kule sizini, sesiqale ngaphandle kukaDortely noMsimango njengoba besalimele futhi uma bebuya, bazofukula iqembu ngamava abo.
FUNDA NALA | Umgadli ogabhe awakuleli usevumbuke e-Iran
“Bangabadlali abazethembayo futhi abazoyilwela indawo yabo eqenjini. Kodwa okwamanje, uMiguel no-Aden basadlale kahle kakhulu.
“UZitha usekulungele ukubuyela eqenjini futhi manje sekuzoba nombango wezindawo emuva.
“Okuhle wukuthi uma unabadlali abaningi ababanga indawo, kuyalifukula iqembu ngoba bawakhipha wonke amangwevu.”
IChiefs izobhekana neRichards Bay emdlalweni wayo wesithathu eFB Stadium ngoLwesibili ebusuku.
