
UMasilela ufanisa uDa Cruz no-Amorim kwiMan United
IKaizer Chiefs ayikahlulwa kule sizini. Iqoqe amaphuzu angu-13 emidlalweni eyisikhombisa.
Kodwa ingwazi yaleli qembu, u-Tsepo Masilela isenezikhalo ngendlela iqembu elidlala ngayo ngaphansi kukaFernando Da Cruz.
UMasilela ufanise umqeqeshi uDa Cruz nomqeqeshi weManchester United, uRuben Amorim.
Uthi bobabili bakhombise ukuzimisela ukunamathela kwindlela yabo yokudlala ngisho ingasebenzi kahle.
IChiefs inqobe imidlalo emithathu yadlala ngokulingana emine. Isishaye amagoli angu-12, kodwa yangenelwa ayisikhombisa.
UMasilela uthi ukuhlasela kuyasebenza, kodwa amaphutha emuva alahlekelisa iqembu ngamaphuzu.
“Uma ngibheka indlela abahleleke ngayo, angicabangi ukuthi badlala ngokgxila ekuvaleni emuva,” kusho uMasilela kwi-Soccerbeat Podcast.
“Angasho ukuthi usebenzisa umdlali wasophondweni njengomdlali wasemuva, njengoPule Mmodi.
“Kodwa iqembu lakhe liyawashaya amagoli. Kodwa amaphutha emuva ahlezi ebaphoxa futhi abenze balahle amaphuzu.”
U-Tsepo Masilela uthi okwenzeka kuFernando Da Cruz kumkhumbuza okwenzeka ku-Amorim ngesikhathi sakhe kwiManchester United.
“Kufana nezinto ezenzeka kwiManchester United ngesikhathi iqasha uRuben Amorim,” kusho yena.
“Ngesikhathi etshelwa ukuthi ashintshe abadlali bakhe abathathu basemuva, wakhetha ukulahlekelwa umsebenzi kunokushintsha indlela ayekholelwa kuyo.”
U-Tsepo Masilela uphinde wangabaza ukuthi iChiefs yayimazi kahle yini uFernando Da Cruz ngaphambi kokumqasha.
“Akufani nokuthi uDa Cruz wayeqeqesha iPyramids FC noma iYanga SC phambilini,” kusho yena.
“KUlapho besingambona ukuthi uwumqeqeshi othanda ukuhlasela noma ukuphatha ibhola.
- FUNDA NALA | Isandla sikaPitso kwiBafana
“Lokho kungenza ngizibuze ukuthi ikilabhu yalwenza kahle yini ucwaningo ngendlela adlala ngayo.
“Futhi ngabe indlela yakhe iyahambisana yini nesiko leChiefs?”
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
