
UNgezana ubhoboka ngobuhlungu abufihlela ukuya kweyoMhlaba
Umdlali wasemuva weFCSB yaseRomania, uSiyabonga Ngezana, usebhoboke ngokuphoqeleka ukuthatha esinye sezinqumo ezinzima kakhulu empilweni yakhe.
Lokhu ukwenze ngesikhathi ehlehlisa ukuhlinzwa edolweni ngoba efuna ukungasali eqebini leBafana Bafana eliya kwiNdebe yoMhlaba.
Lo mdlali owake wadlala kwiKaizer Chiefs ubekhala ngedolo ebelimhlukumeza isikhathi eside ngemuva kokuchachamba kwenkomishi yedolo.
Yize odokotela babemeluleka ukuthi ahlinzwe ukuze alulame ngokuphelele, wakhetha ukuqhubeka nokudlala esebenzisa imithi yokunciphisa izinhlungu.
Lokhu wayekwenza ngoba efuna ukungena eqenjini likaHugo Broos. Nokho, izinto azihambanga ngendlela abefisa ngayo.
Ukulimala kumphazamisa kakhulu, kwanciphisa nemidlalo ayeyidlalile kwiFCSB, kwagcina sekwenza nomqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, angambizi.
U-Siyabonga Ngezana uthi ukungayi kwiNdebe yoMhlaba kuyinto esamzwisa ubuhlungu namanje.
“Bengifuna ukuba yingxenye yeNdebe yoMhlaba nganoma iyiphi indlela,” kusho yena kwiFARPost.
“Ngisho noma bengingeke ngidlale, bengifuna nje ukuba lapho neqembu.
“Ngazidela kakhulu ukuze ngihlale ngikulungele lokho, yize ngangazi ukuthi angikho esimweni esihle ngokugcwele.”
Lo mdlali uveze ukuthi wagcina esamukele isimo, wanquma ukuhlinzwa ngemva kokushiywa ngaphandle eqenjini likaBroos.
“Bekunzima kakhulu ukukwamukela lokhu. Ngadlula ezinyangeni eziyisikhombisa ngidlala ngisezinhlungwini ezinkulu.
“Ngangihlala ngibuyela enkundleni bese ngiphinde ngilimale futhi,” kuqhuba yena.
“Kodwa manje sekuyisikhathi esifanele sokulungisa le nkinga nokugxila ekululameni.”
Izindaba ezimnandi ku-Siyabonga Ngezana ukuthi ukulimala kwakhe akukubi kakhulu, okusho ukuthi isikhathi sakhe sokululama ngeke sibe side kakhulu.
“Odokotela bathi ngingabuya ezinyangeni ezimbili noma ezintathu,” kuchaza yena.
“Ngithemba ukuthi umzimba wami uzophola ngokushesha ukuze ngibuyele enkundleni ngokushesha.”
Yize iphupho leNdebe yoMhlaba limphephethele kulo nyaka, uNgezana usenethemba lokubuya ngamandla.
