EzintshaOrlando Pirates

Okwenza uCheeseboy angayizwa ekaPitso Mosimane kwiBucs

UMosimane ngomunye wabaqeqeshi abamataniswa nomsebenzi wePirates uma sekuhambe uJose Riveiro ngesizini ezayo.

Kodwa uCheeseboy Mokoena ukholwa ukuthi uPitso Mosimane akayena umqeqeshi olungele ukuhola amaBhakabhaka okwamanje.

Ekhuluma kwi-podcast yeSoccer Beat, uLebohang Mokoena Mokoena uthe uPitso Mosimaneangase abhekane nezinselelo kwiPirates.

“Ngizwe izinkakha zeqembu ezithile zithi uPitso angaletha izinsuku zenjabulo,” kusho uMokoena.

“Bathi ukuqhubeka nomsebenzi wokugcwalisa izindebe oqalwe umqeqeshi uRiveiro kufuneka yena umqeqeshi uPitso.

“Kodwa ngicabanga ukuthi kuzoba inselelo kancane ngokubona kwami.

“Yena engakwazi ukuqeqesha iqembu elifana ne-Orlando Pirates kahle nje futhi.

“Kodwa ngokwazi kwami umqeqeshi uPitso, ngicabanga ukuthi uyindoda ethanda ukuziphathela iqembu lakhe.

“Uyathanda ukulawula konke okwenzeka ekilabhini,” kuqhuba uMokoena. 

“KwiPirates, kuzoba yinselelo uma kukhulunywa ngalokho ngoba uma kufika uPitso kumele eze nethimba lakhe elizomsiza.

“Unethimba lakhe labaqeqeshi, aphinde abe nabantu bakhe abenza umsebenzi wokuphatha iqembu asebenza nabo. Lokho kuzoba yinselelo enkulu.”

ULebohang Mokoena uthi kukhona okuhle nokubi ngoPitso Mosimane uma engajoyina iPirates.

“Kodwa uma eya kwiPirates kungaba kuhle kodwa ngesikhathi esifanayo ngeke kusebenze uma kukhulunywa ngabalandeli be-Orlando Pirates.

“Futhi, umqeqeshi uPitso uletha ifilosofi ehlukile ohlotsheni lwebhola elidlalwa yi-Orlando Pirates. 

“Ngabe abalandeli bazombekezelela esagxilisa indlela yakhe kunbadlali?,” Kubuza uMokoena.

UCheeseboy uphinde waveza ukuthi lo mqeqeshi owaziwa ngelikaJingles angase afune ukuqeda ngabadlali abathile abathandwa ngabalandeli.

UMosimane uyaziwa ukuthi akezwani nabadlali abasebenzisa amakhono abo omjiko ngokweqile.

Lokho kusho ukuthi abadlali abafana noPatrick Maswanganyi bangase babe senkingeni kuye.

Ngesikhathi ekwiMamelodi Sundowns, wagxeka uFortune Makaringe ngokukhombisa ikhono lakhe lomjiko esadlala kwiPirates.