EzintshaKaizer Chiefs

UNdlovu ufongqa isigqoko kubalandeli beChiefs 

Umdlali wasesiswini we-Kaizer Chiefs, u-Siphesihle Ndlovu, usecele abalandeli beqembu ukuthi babekezele njengoba iqembu lisakha isisekelo ngaphansi komqeqeshi omusha.

UNdlovu ukhulume ese-Alicante eSpain, lapho iChiefs izilungiselela khona isizini ka-2026/27. 

Uthi izinto zihamba kahle futhi abadlali sebeya ngokuya bejwayela indlela entsha yomqeqeshi uFernando Da Cruz.

“Kube yikhempu enhle kakhulu. Siyajabula ukuba lapha sizilungiselele isizini entsha. 

“Nsuku zonke siya ngokuya siba ngcono futhi sibukhali. 

“Sinomqeqeshi omusha onefilosofi entsha, futhi siyazivumelanisa nayo,” kusho uNdlovu.

Lo mdlali uthi kuyamjabulisa ukuthi kulokhu uthole ithuba lokuqeda amalungiselelo esizini neqembu, njengoba ngesizini edlule afika sekuseduze kuqale imidlalo.

U-Siphesihle Ndlovu uyidlale yonke imidlalo yobungani edlalwe yi-Kaizer Chiefs eSpain, kanti uthi le midlalo ibasizile ukubona ukuthi bakuliphi izinga.

“Sidlale namaqembu ahlukene. IRangers ibidlala ngamandla, kanti i-Al Khalood ibidlala ngobuhlakani. 

“Le midlalo isisiza ngoba ifana nalokho esizobhekana nakho kwiBetway Premiership nakwiCaf Confederation Cup,” kuqhuba yena. 

IChiefs ivale uhambo lwayo lwaseYurophu ngomdlalo ne-Elche yaseSpain ngoMgqibelo, yahlulwa ngo 2-1.

Manje isibuyile eNingizimu Afrika lapho izobhekana khona neScottland FC yaseZimbabwe kwiToyota Cup ngoJulayi 26 eRoyal Bafokeng Stadium.

U-Siphesihle Ndlovu uphethe ngokunxusa abalandeli be-Kaizer Chiefs ukuthi baqhubeke nokweseka iqembu.

“Ngicela abalandeli bethu babekezele futhi bathembe indlela esihamba ngayo. 

“Ngikholwa wukuthi sakha into ekhethekile, futhi bona bayingxenye ebalulekile yalokho,” kusho yena.