
BUKA: URele Mofokeng uchizela umlandeli ocela isithombe
Sekuqubuke inkulumompikiswano ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukusabalala kwevidiyo ekhombisa uRele Mofokeng enqaba ukushutha nomlandeli.
Yize kungacacisiwe kahle, kukholakala ukuthi le vidiyo ithathwe ngoMgqibelo ntambama e-Orlando Amstel Arena.
IPirates beyiqeda ukusobozela AmaZulu FC, ewashaye ngo 3-0 emdlalweni weBetway Premiership kule nkundla.
Kule vidiyo kubonakala uRele Mofokeng ejabula nabalandeli, futhi ethatha amafoni abo bese ethatha izithombe.
Nokho kube sekuqhamuka nomlandeli weKaizer Chiefs amnike ifoni yakhe naye enesifiso yokuthatha isithombe nalesi sihlabani.
Kodwa kuthe uma uRele Mofokeng ebona ukuthi lo mlandeli ugqoke ijezi leChiefs, wavele wambuyisela ifoni yakhe qede wazihambela wamshiya enkemile.
Abanye bakuthathe njengehlaya lokhu, bethi kukhomba futhi kuqinisa ubutha phakathi kwalamaqembu aseSoweto.
Nokho kukhona abathi uMofokeng kumele angakhohlwa wukuthi uyiqhawe lesizwe sonke njengoba ekhona nakwiBafana Bafana.
Kwenzeka lesi sigameko nje iPirates izogadulisana neChiefs emdlalweni osuvele ubhekwe ngabomvu ngeSonto elizayo.
Indlela onesasasa ngayo lo mdlalo amathikithi awo adayisa aphela emahoreni ambalwa efakwe endalini ngenyanga edlule. Buka le vidiyo ngezansi:
