
BUKA: UPuso Dithejane ‘ulwela’ uMaskandi phesheya
Umdlali osemncane okhula ngokushesha ebholeni lamazwe ngamazwe, uPuso Dithejane ‘uselwise’ umlandeli ngoMaskandi.
Lo mdlali oneminyaka engu-21 ubudala usanda kuthuthela kwiChicago Fire edlala kwi-US Major League Soccer.
Ujoyine leli qembu kanye noMbekezeli Mbokazi ngemuva kokwenza kwabo kahle kwiBetway Premiership ngesizini edlule nengxenye yalena.
UKUSHIYA KWICHIEFS
UPuso Dithejane ungomunye wabadlali abaduba iKaizer Chiefs ngesikhathi ibaphoqa ukuthi baqhubeke nokuba ngabafana abaqoqa amabhola.
Ekusukeni kwakhe kuyo, ube esesayinwa yiTS Galaxy efike yamnika inkontileka yeqembu elikhulu, akangayiphoxa.
Uphenduke omunye wabadlali abamqoka eqenjini ngokushesha, wagcina esehalelwa amaqembu amakhulu okukhona kuwo nayo iChiefs.
UZAKHELA IGAMA KWELIKA-TRUMP
Njengamanje uqala impilo entsha kwelikaDonald Trump, kanti uma ezoqhubeka nokuzimisela akukhombise kuleli, akungabazeki uzoya kude.
Njengoba ese-US, uzithola enesizungu uma engajimi, okwenza abe nesikhathi sokungena ezinkundleni zokuxhumana.
Nomthelela kaMbokazi usuyabonakala njengoba eseqala nokuthanda umculo waKwaZulu uMaskandi.
Sekunamavidiyo ambalwa la abonakala khona enoMbokazi nabanye abadlali beChicago Fire belalele uMaskandi.
Kweyakamuva, ubephendula umlandeli ombuze ngalolu thando lwakhe lwakamuva lukaMaskandi.
UTHANDO LUKAMASKANDI
“Hhawu okusho ukuthi uMaskandi wenzelwe nina kuphela… Hhay’bo kanjani?,” kuphendula uPuso Dithejane.
“Manje thina singawulaleli uMaskandi? Hhe? Usho kanjalo? Ufuna ukuwulalela wena wedwa uMaskandi?”
Lo mdlali ungomunye wabasale ngaphandle eqenjini lakamuva likaHugo Broos labadlali abangu-38.
FUNDA NALA | Iconsisa amathe eyeNedbank Cup
Lo mqeqeshi uzohlunga abadlali abangu-23 kulo azodlala ngabo imidlalo yobungani nePanama ekupheleni kwenyanga. Buka nasi ividiyo ngezansi:
