
UMonyane akaliphosile ithawula nge-Afcon neNdebe yoMhlaba
Umdlali wasemuva weKaizer Chiefs, uThabiso Monyane, ukholwa ukuthi usengangena esikwatini sikaHugo Broos esizoya kodlala kwi-Africa Cup of Nations neNdebe yoMhlaba.
Lo mdlali oneminyaka engu-25 ubudala uyiqale kahle isizini, wabizelwa kwiBafana Bafana edlale imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba kaSepthemba.
UThabiso Monyane wangena esuka ebhentshini, wasiza iBafana ukuthi idlale ngokulingana neSuper Eagles.
Kodwa lapho nje umfutho wakhe uqala ukukhula, ukulimala kungazelelwe kuphazamise yonke into.
Uphuthelwe yimidlalo yokuhlunga yango-Okthoba, lapho iBafana ikwazo ukuzibekisela indawo kulo mqhudelwano ozoba se-USA, Canada naseMexico ngonyaka ozayo.
UMonyane usebuyile eqenjini leChiefs. Ubuye ekupheleni kuka-Okthoba wadlala kahle ngesikhathi beshaya iDurban City ngo 1–0.
Ulandele lapho ngomdlalo oqinile wemizuzu engu-76 ngesikhathi Amakhosi enqoba ngo 4–1 ehlula i-Orbit College.
Yize engakhethwanga eqenjini leBafana elihlule iZambia ngo 3–1 kowobungani ngempelasonto edlule, uThabiso Monyane uzimisele ngokuqhubeka nokuphakamisa isandla.
“Ngiyakwazi engingakuletha eqenjini. Ngizoqhubeka nokusebenza, ngiqhubeke nokuphusha – ngoba ngeke wazi,” usho kanje kwi-iDiski Times.
“Kuyohlezi kunombango wezindawo, ikakhulukazi kwiligi yethu, okungenye yamakhulu e-Afrika.”
Lo mdlali odlala kwesokudla emuva uthi uyayamukela inselelo yokuncintisana nabadlali abaphambili ezweni.
Kubadlali abanga nabo le ndawo kukhona uKhuliso Mudau weMamelodi Sundowns, uNyiko Mobbie weSiwelele FC, noThabang Matuludi wePolokwane City.
“Ngiyazi ukuthi ngiqhudelana nabahamba phambili. Ukubonakala njengomunye wabadlali basemuva kwesokudla abahamba phambili ezweni kuyisibusiso,” kuqhuba yena.
“Ngiyazi ukuthi umncintiswano uqinile, kodwa inqobo nje uma ngithuthuka futhi ngikholelwa ekhinweni lami, konke kungenzeka.
“Ithuba leBafana likhona; kukimi ukulibamba,” kuchaza lo mdlali oshiye kwi-Orlando Pirates kungazelele muntu ekupheleni kwesizini edlule.
Ithuba elilandelayo likaMonyane lokuhlaba umxhwele lizofika ngeSonto, lapho iKaizer Chiefs iqala umkhankaso wayo wesigaba samaqoqo kwiCaf Confederation Cup.
FUNDA NALA | Kubhimbile kwiPirates esikhalweni sayo ngeLupopo
Izoqala lo mkhankaso ngomdlalo onzima ekuhambeni la izobhekana khona neqembu lase-Egypt i-Al Masry.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
