
Ezingezinhle kwiChiefs ngoSirino ngaphambi komdlalo onzima
IKaizer Chiefs izobhekana neTS Galaxy ngaphandle kukaGaston Sirino nabanye abadlali abahlanu.
Iqembu libheke ukubuyisa ukuzethemba kubalandeli ngemuva kokuhlulwa ngo 2-0 yiPolokwane City emdlalweni odlule.
IChiefs izohambela eNelspruit la izobhekana khona neGalaxy emdlalweni weBetway Premiership owandulela owokugcina kulo nyaka.
Lo mdlalo uzoba ngoMsombuluko kaDisemba 16 eMbombela Stadium kanti kulindeleke inkundla igcwale phama.
Kodwa-ke, abadlali abambalwa abamqoka bazobe bengekho kulo mdlalo.
“Umqeqeshi weChiefs, uNasreddine Nabi uzobe engenabo abadlali abayisithupha abamqoka emdlalweni ozayo weBetway Premiership neTS Galaxy ngoMsombuluko,” kusho leli qembu.
“Abadlali abalimele kubalwa abadlali basesiswini u-Edson Castillo, uNkosingiphile Ngcobo noGaston Sirino.
“Kubabadlali basemuva uDillan Solomons noBradley Cross, nonozinti uBrandon Petersen abazobe bengekho.
“Laba badlali bathole ukulimala emidlalweni eyahlukene kodwa kulindeleke ukuthi babuyele eqenjini maduze.
“Naphezu kwalezi zingqinamba zokulimala, Amakhosi agxile ekulungiseleleni ukulwa futhi ayaqiniseka ukuthi azosebenza ngokuzimisela.”
Njengamanje iGalaxy isendaweni ka-11 kwilogi futhi isiqoqe amaphuzu, kanti iChiefs isendaweni yesishiyagalolunye, ngamaphuzu angu-11 ngemuva kwemidlalo eyisishiyagalombili.
