
UCardoso udalula imfihlo yokutamuza izindebe kwiSundowns
U-Miguel Cardoso ukholwa ukuthi ukuguquka kwakhe ekubeni ngumqeqeshi obezulazula efuna amathuba, waba ngumqeqeshi osenqoba izindebe, akungekhono lakhe kuphela.
Lo mqeqeshi wasePortugal wafika kwiMamelodi Sundowns ngo-2024, ngemuva kokusebenza ePortugal, e-Ukraine, eFrance, eSpain, eGreece naseTunisia.
Ukuvelela kwakhe nokho kwenzeke ngesikhathi ekwi-Espérance eTunisia, lapho anqoba khona iligi waphinde wafaka leli qembu kowamanqamu weCaf Champions League ka-2024.
Yize i-Espérance yagcina ihluliwe yi-Al Ahly, indlela uCardoso ayihole ngayo leli qembu, ikakhulukazi ishaya iSundowns kowandulela owamanqamu, yadonsa amehlo kaFlemming Berg.
Lokho kwagcina kumvulele indlela eya eChloorkop. Kusukela efikile, u-Miguel Cardoso useguqule impilo yakhe.
Wanqoba iBetway Premiership ngesizini yakhe yokuqala, ngaphambi kokuholela iSundowns ekunqobeni iCaf Champions League okwesibili emlandweni wayo.
Kodwa uCardoso uthi ithuba nezinsiza ayezithola kwiSundowns kube yinto ebalulekile empumelelweni yakhe.
“Ngazithola sengingumqeqeshi ofuna ukuzithuthukisa futhi owathola ithuba lokuya emaqenjini lapho ayekulungele khona ukulwela ukunqoba,” kusho uCardoso kwiMasandawana TV.
Uthi isikhathi sakhe eTunisia, nokufika kwiSundowns, kwashintsha kakhulu izinto emsebenzini wakhe wokuqeqesha.
“Kwaba wushintsho olukhulu ngesikhathi ngithola ithuba lokuya eTunisia nokufika lapha,” kuchaza yena.
“Kulapho ngakwazi khona ukuhlanganisa izidingo nezinsiza enginazo, ngoba leyo yiyona nkinga enkulu.”
UCardoso uphinde waveza ukuthi abaqeqeshi abasebancane bavame ukumbuza ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi anqobe izindebe eziningi manje.
“Uma ngikhuluma nabaqeqeshi abasebancane, bayangibuza ukuthi kwenzekani ngoba sengiyawina futhi sengithola izindebe,” kusho yena.
Impendulo ilula: “Ngibatshela ukuthi yingoba manje senginezimo nezinsiza engingazisebenzisa ukuze ngizuze lezo zinto.”
Manje u-Miguel Cardoso usebheke kwenye indebe njengoba iSundowns ilungiselela ukubhekana ne-Orlando Pirates kowamanqamu weMTN8.
IPirates yaqeda ukubusa kweSundowns ngokunqoba iligi amasizini ayisishiyagalombili elandelana, kanti uCardoso usevele ubeke obala ukuthi ufuna le ndebe ibuyele eChloorkop.
“Sizoba nemidlalo yeligi okumele siyidlale ezingeni eliphezulu ngoba yileyo ndebe okumele siyibuyise,” kusho yena.
- FUNDA NALA | URonaldo uncome uMessi ebeka amakhokho ethala
ICaf Super Cup nayo isohlwini lwezinto ezifunwa nguCardoso, njengoba iSundowns ibheke ukuthi ingakwazi yini ukwengeza enye indebe yase-Afrika esikhathini esifushane.
UCardoso uthole ithuba elihle kwiSundowns enganqeni ukungena ephaketheni imtholele abadlali abanohlonzo — manje ufuna ukuliguqula libe yinkathi yokubusa kweBrazilians.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
