
OweChiefs ukhale ngoVilakazi bebambana neChippa
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uKhalil Ben Youssef, uzwakalise ukuphoxeka ngemuva kokuthi behlulwe wukusebenzisa amathuba abawakhile bebambana ngo 0-0 neChippa United.
Amakhosi ahlulekile ukunqoba kulo mdlalo obusNelson Mandela Bay Stadium ngoLwesithathu ebusuku okwenze ehlela endaweni yesihlanu kwilogi yeBetway Premiership.
Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi behlulekile ukusebenzisa amathuba amaningi abebukeka ethembisa emdlalweni abebewulawula.
Ithuba elihle cishe kunawo wonke leKaizer Chiefs liwele kuMfundo Vilakazi esiwombeni sesibili ngesikhathi ezithola engamakiwe ebhokisini leChippa.
Ubesebhekene nonozinti kuphela, kodwa uDumisani Msibi wakwazi ukulithinta ibhola kakhe ukuze liphume eceleni, enqabela lo mdlali osemncane igoli ebelizomenza iqhawe.
Ku-Youssef, lawo mathuba ayekiwe kube nzima ukuwemukela futhi amshiye ekhungathekile impela.
“Okokuqala, kufanele ngihalalisele iChippa ngomdlalo ewudlalile; badlale ngesakhiwo esihle, futhi bebelwela wonke amabhola,” kusho lo mqeqeshi.
“Kithina, ngicabanga ukuthi asinazo izaba esingavika ngazo ngokwenzekile kulo mdlalo.
“Uma uthola amathuba amaningi, ngisho eliseduze ngamamitha ayisithupha ubhekene ngqo nonozinti bese ungalishayi igoli… kodwa ke linjalo ibhola.”
UYoussef uthe ukungakwazi kweKaizer Chiefs ukuqedela amathuba kusaqhubeka nokuba yinselelo enzima ababhekene nayo.
“Kufanele siqhubeke nokusebenza, kufanele silungise le nkinga efanayo,” kwengeza yena.
“Manje sesiyahlasela kahle kodwa asiwatholi amagoli. Leyo yinkinga enkulu esinayo futhi kufanele siqhubeke nokusebenza ngayo.”
FUNDA NALA | Kugiye abePirates ngemiphumela yangoLwesithathu
IChiefs izoba nethuba lokugcina lokubuyela endaweni yesithathu ngaphambi kwekhefu le-Afcon uma seyibhekene neTS Galaxy ngeSonto.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
