Bafana BafanaEzintsha

UConway – okhulele e-England – uveza isifiso seBafana

Umdlali wasemuva weBolton Wanderers, u-Max Conway, useveze ukuthi angathanda ukudlala kwi-Bafana Bafana esikhathini esizayo.

UConway, ozalelwe eNorth West ye-England, unelungelo lokudlalela iNingizimu Afrika ngenxa yokuthi ugogo wakhe ngowakuleli. 

Lo mdlali oneminyaka engu-23 useveze ukuthi usecabanga ngokuthola ubuzwe namaphepha aseNingizimu Afrika ukuze avuleleke ngokuphelele kuleli thuba.

“Yinto yonke ingane ephupha ngayo, ukudlalela izwe layo,” kusho lo mdlali kwi-iTalkSPORT.

“Ngingaba nobuzwe baseNingizimu Afrika. Ngethemba ukuthi ngingabuthola esikhathini esizayo.” 

U-Max Conway uthe kusadingeka alungise amaphepha okuba yisakhamuzi futhi athole iphasiphothi, kodwa akalivalanga ithuba lokugqoka ijezi le-Bafana Bafana.

Lo mdlali odlala emuva kwesokunxele usekhule kakhulu eminyakeni emibili edlule.

Useseuke ebholeni lama-amesha waya ekudlaleni njalo kwiChampionship neBolton Wanderers. 

Manje usebheke elinye igxathu elikhulu — ukuthola ithuba lokumela iNingizimu Afrika.