Ezintsha

UMngqithi uphawula ngekusasa lakhe ekuqeqesheni

Ikusasa lakhe lingelinye labhekwe kakhulu njengoba eke wamatamiswa neKaizer Chiefs phakathi kwamanye amaqembu. 

Ngaphezu kwalokho, kunomoyana wokuthi u-Manqoba Mngqithi angase abuyele kwiMamelodi Sundonws ayothatha umsebenzi kuMiguel Cardoso. 

Lo mqeqeshi okuqale le sizini ekwiYoung Africans eTanzania, useveze ukuthi ucabangani ngekusasa lakhe.

Ushiye kuleli qembu ngoMfumfu, kanti akakuphikanga ukuthi kungenzeka abuyele kwiPremier Soccer League.

Kodwa uma ebuyela, uzobuyela eqenjini elizohambelana nezimfuno nemigomo yakhe yokusebenza.

UMngqithi ushiye iYanga yize eqale kahle umsebenzi wakhe kuleli qembu. 

Uthole indebe, waphinde walibeka eqenjini elidlulela esigabeni samaqoqo seCAF Champions League. 

Wenza umsebenzi abewunikiwe, kodwa kwagcina ngokuthi bahlukane.

Manje, ekhuluma ne-iDiski Times, uMngqithi uveze ukuthi usempambanweni yezindlela ngempilo yakhe.

Uthi kumeleanqume ukuthi uthatha ikhefu ukuze akwazi ukuchitha isikhathi nomndeni wakhe noma uyaqhubeka nokwenza umsebenzi awuthanda kakhulu.

“Njengamanje konke kungomndeni wami,” kusho lo mqeqeshi oke wasebenza kwiSundowns neGolden Arrows. 

“Ngidinga ukukhuluma nawo, ngizwe ukuthi wona uzizwa kanjani ngesinyathelo esilandelayo.

“Ngomusa kaNkulunkulu, ngibe nenhlanhla yokusebenza ebholeni iminyaka engaphezu kuka-20. 

“Kwezinye izikhathi ngizizwa kufanele ngithathe ikhefu, nginakekele impilo yami futhi ngiphume kule ngcindezi. 

“Kodwa ibhola lona liyinto ehlukile. Kunento ehlala ikudonsa ukuthi ubuyele kulo.”

U-Manqoba Mngqithi o akayena umqeqeshi ogijimisa imali, futhi uyilenhlobo engeke incetheze ukuthi ithole umsebenzi.

“Kimina, imali ayibalulekile ngaphezu kokwaneliseka okubangelwa ukubona umsebenzi ukhula. 

“Ngiyakujabulela ukubona abadlali abasebancane bekhula, beba ngabantu abakhethekile. 

“Ngiyakuthanda futhi ukwandisa isibalo ekilabhini ngokuthuthukisa abadlali engagcina isibathengisa.”

Lokho kusho ukuthi izikhulu zamaqembu ePSL ezifuna uMngqithi kufanele zimnike umsebenzi azowukhulisa, hhayi nje ukumheha ngemali.

Ukwenze kwacaca nokuthi ngeke athathe noma yimuphi umsebenzi ozovela.

“Impela, uma kuvela ithuba elifanele futhi ukuwumsebenzi ohambisana nalokho engifuna ukukufeza, ngingawuthatha” kwengeza yena.

“Ekugcineni, angikho ebholeni ngoba lingikhokhela. Ngangisebenza ebholeni ngaphambi kokuba ngiqale ukukhokhelwa ngalo. 

“Ngiyalithanda nje. Ngiphilela ibhola. Ngicabanga ukuthi anikaze ningibone ngenza enye into.

“Ngilithanda kakhulu ibhola, ngalo lonke uthando lwami. Kodwa ngeke ngithathe noma yiliphi ithuba elizovela. 

“Ngizothatha engibona lilungele mina. Ngiyabonga kuNkulunkulu ukuthi angikho esimweni sokuzibuza ukuthi ngizodlani.”

Ake ukufunde futhi lokho. U-Manqoba Mngqithi akazibeki esimweni sokuphoqeleka ukuthola umsebenzi. 

Akagijimeli umsebenzi ngoba eswele. Uyazikhethela. Lo mqeqeshi usethatha isikhathi sokuphumula, uzinika ithuba lokuzivuselela futhi ulindele umsebenzi omfanele.

Iyiphi ikilabhu yePSL ezoba nesibindi sokumfuna?

Ngoba uma uManqoba Mngqithi ebuyela ebholeni, ufuna ukwakha into ezoba ngekhethekile