
UNcikazi ubhoboka ngokwenza ‘eqe’ eshiya kwiPirates
Umqeqeshi weGolden Arrows, u-Mandla Ncikazi, useveze okwenza eqe, ahambe engavalelisile ngesikhathi eshiya kwi-Orlando Pirates.
Ekhuluma ngemuva kokuba i-Arrows ihlulwe ngo-2-0 yiPirates e-Orlando Amstel Arena ngoLwesibili ebusuku, uNcikazi uveze ukuthi wafika kule kilabhu ngosihlalo u-Irvin Khoza uqobo.
“Ngafakwa kuleli qembu ngusihlalo omkhulu. Ungumuntu oziqoqile, uhlakaniphe kakhulu, uzimisele ngomsebenzi wakhe, kodwa akayena umuntu okhuluma kakhulu,” kusho uNcikazi.
“Saba nemihlangano eminingi naye, ngiphinde ngaba nemihlangano eminingi namadodana akhe (uMpumi noNkosana).
Kwaba nezingxoxo eziningi, sizama ukuthola indlela elfanele.
“Ekugcineni safinyelela esinqumweni sokuthi mhlawumbe ngidinga ithuba lokuyosebenza kwenye indawo.”
Uthi kwakungeyona ingxoxo elula, futhi kwakungesona isinqumo ayengasithatha kalula.
Eqinisweni nje, u-Mandla Ncikazi uthi kwakuyisinqumo esinzima kunazo zonke ake azithatha njengendoda ukushiya i-Orlando Pirates.
“Empilweni yami, yisinqumo esinzima kunazo zonke engake ngasithatha njengendoda,” kuqhuba yena.
“Angizange ngikwazi ngisho ukuvalelisa kubo bonke ngoba ngangingakwazi ukubheka abadlali emehlweni ngibatshele ukuthi ngiyahamba.
“Cabanga nje ngendoda endala njengami isikhala phambi kwezingane.
“Ngangingazi ukuthi ngingakwazi yini ukubhekana nabo ngaleso sikhathi, ngakho ngabhala umlayezo.
“Abazange bangibone, ngabhala umlayezo ngoba le ndawo ibingiphethe kahle kakhulu.”
- FUNDA NALA | Ingwazi iveza okubambezele uPedersen
Lokhu kukhombisa ukuthi ubudlelwano uNcikazi ayebakhe nabadlali bePirates babujule kangakanani.
Naphezu kwezingxoxo eziningi ezazikhona ngesikhathi eshiya leli qembu, uNcikazi uthi ubudlelwano bakhe nabadlali abuzange buphazamiseke.
Lokhu kubonakale nangemuva komdlalo wangoLwesibili, lapho abadlali be-Orlando Pirates begijime bayobungaza u-Mandla Ncikazi ngemuva komdlalo.
“Yingakho nibonile ukuthi abadlali baziphathe kanjani ngemuva komdlalo ngesikhathi bengibona.
“Bekungathi babona ubaba wabo, futhi yilokho ebengiyikho kubo,” kwengeza yena.
- ZITHOLE ZISHISA!| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
