
UFoster uveza isizathu esenze ashiye i-Europe aye e-US
Umgadli weBafana Bafana u-Lyle Foster usephumele obala ngesizathu esenze wanquma ukushiya ibhola lase-Europe ayoqala isahluko esisha kwiMajor League Soccer (MLS) e-US.
UFoster usechithe iminyaka engaphezu kweyisikhombisa edlala e-Europe, kodwa uthi ukuba kwelikaDonald Trump ngesikhathi seNdebe yoMhlaba kumenze wabona ukuthi udinga ushintsho.
Lo mgadli waqala ibhola elikhokhelayo kwi-Orlando Pirates. Wabe esedlulela kwi-AS Monaco, iCercle Brugge, iVitória Guimarães, iWesterlo nakwiBurnley.
Uthi into enkulu emenze afune ukushintsha umoya wukuphinde athande futhi ajabulele ukudlala ibhola.
“Ngemuva kweNdebe yoMhlaba, ngahlala e-US isikhashana,” kuchaza yena ngalesi sinqumo sakhe.
“Ngiyithande kakhulu indlela okuphilwa ngayo lapha nabantu bakhona.
“Kodwa ngaphezu kwakho konke, bengifuna ushintsho nendawo engingaphinde ngijabulele kuyo ibhola.”
U-Lyle Foster uthi ithuba lokujoyina iHouston Dynamo lavela sekusele izinsuku ezimbalwa ngaphambi kokuvalwa kwewindi lokudayiselana ngabadlali.
“Ezinsukwini ezimbili zokugcina zewindi, imenenja yami yangitshela ukuthi iHouston inentshisekelo.
“Ngabe sengithi asishone khone,” kuqhuba lo mdlali ophuma enkulisa yePirates.
UFoster ukholwa ukuthi angaba yingxenye ebalulekile yaleli qembu futhi alisize lilwele impumelelo.
“Ngiyakholelwa ekutheni ngingaba yingxenye ebishoda eqenjini futhi ngethemba ukuthi sizokwenza konke okusemandleni ukuze sifinyelele phezulu.”
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
