
OweChiefs uchaza ‘eyokonga’ uDa Silva yise beshoda ngamagoli
UFlavio Da Silva ungene okokuqala eqenjini losuku lomdlalo kwiKaizer Chiefs ngoLwesithathu kodwa lo mgadli wagcina ephelele ebhentshini.
Lo mgadli omusha weChiefs akakadlali nakanye emidlalweni emine yaleli qembu yize abalandeli befisa ukumbona ukuthi unawo yini amagoli abashoda ngawo eqenjini.
Umqeqeshi weChiefs, uNasreddine Nabi, uveze ukuthi bekungabe uyamgqilaza lo mgadli uma emfaka kulo mdlalo mdlalo wabo neMamelodi Sundowns ophele zibambene ngo 0-0.
UDa Silva nguye kuphela umgadli obesebhentshini ngemuva kokuthola imvume yake yokudlala kuleli.
Kodwa noma kunjalo uNabi akabonanga kuyisikhathi esifanele sokuthi amdlalise lo mgadli okhulele ePortugal.
“Umdlalo wokugcina kaSilva waba kwiToyota Cup (bebhekene ne-Asante Kotoko), futhi namuhla bekuwumdlalo omkhulu.
“Ukumphonsa kuwo ngemuva kwenyanga ngaphandle komdlalo wokuncintisana bekungeke kube kuhle.
“Yingakho sinqume ukumgcina ebhentshini. Siyakwazisa ukuthi esikhathini esizayo sizoba naye,” kuchaza uNabi.
IChiefs idlale kahle ibhekene neSundowns futhi ibingawunqoba umdlalo. UNabi, nokho, wenqabile ukugxeka kakhulu abadlali bakhe baphambili.
“Kuyiqiniso ukuthi ezinye izimo bezingasingathwa ngendlela ehlukile, mhlawumbe ngokwenza izinqumo ezingcono,” kusho uNabi.
“Kodwa … Futhi kufanele sibone ikhwalithi yembangi. Unozinti wabo uvimbe amabhola amabili amahle.
“Ngikholwa ukuthi impendulo ukuqhubeka nokusebenza. Abanye abadlali basaqala ukungena eqenjini, futhi sikholwa ukuthi sizoba bukhali esikhathini esizayo.
“Kodwa namuhla sidlale neqembu leSundowns ebeliqinine kahle emuva.”
FUNDA NALA | Ukhale ngobuthuntu uNabi beyeka iDowns isivumile
UNabi uphinde wancoma uWandile Duba, oqale umdlalo neSundowns, ngomsebenzi wakhe ongenamkhawulo ekuhlaseleni.
“UDuba ungene ezikhaleni amahlandla amaningi futhi wacindezela kakhulu. Kwesinye isikhathi uma ugijima kakhulu uyakhathala kancane,” kwengeza lo mqeqeshi.
