EzintshaKaizer Chiefs

Owodumo kwinkulisa yeKaizer Chiefs usevuke ngeqembu elisha

Lo mdlali ophume enkulisa yeKaizer Chiefs ukhululwe yileli qembu ekuqaleni kwale sizini ngemuva kokwehluleka ukuzibekisela indawo eqenjini.

URadebe ubesehlale izinyanga ezibalelwa kweziyisithupha engenaqembu kulandela ukukhululwa kwakhe eNaturena. 

Kodwa lo mdlali oneminyaka engu-25 ubudala usezojoyina iqembu leMotsepe Foundation Championship iLerumo Lions.

Imibiko iveza ukuthi uRadebe usesayine isivumelwano naleli qembu elizinze eNorth West.

“URadebe usayine neLerumo Lions njengoba iqinisa isikwati sayo ukuze ilwele isicoco,” kubika iKickOff.

Njengamanje iLerumo Lions ihlezi endaweni yesishiyagalombili kwilogi yeChampionship – okuyisigaba sesibili ngobukhulu ebholeni lakuleli.

Isele ngamaphuzu ayisikhombisa kuphela kwiMilford FC okuyiyo ezihola phambili njengamanje.

URadebe ukhombise ukuthembisa kwiKaizer Chiefs ngesikhathi ekhushulelwa eqenjini elikhulu, kodwa wahluleka ukuzibekisela indawo.

Udlale imidlalo engu-18 eqenjini elikhulu kuMakhosi, washaya igoli elilodwa waba nesandla ekwakheni elilodwa.

Ukubolekiswa kwakhe kwiRichards Bay FC nakho kwehlulekile ukumbuyisela umgqigqo, njengoba edlale imidlalo emithathu kuphela ngaphambi kokuthi imbuyisele emuva.

Lo mdlali wasesiswini manje usethole elinye ithuba lokuvuselela umsebenzi wakhe webhola esigabeni sesibili.

Ukwenza kahle kulesi sigaba kusengamtholela elinye ithuba esigabeni esiphezulu ngesizini ezayo.