
UKeet usole izinguquko bejikelwa yiRichards Bay esiswini
Udaba ngu-Alfred Ngubane
Unozinti weDurban City, uDarren Keet ukhale ngokuthi babe ngoZenzile ngesikhathi bewashiswa ijezi kwiCarling Knockout abebeyiqale kahle.
ICity yaqala lo mqhudelwano gegiya eliphezulu ishaya iPolokwane City ngo 4-1 emzuliswaneni wokuqala.
Kodwa ibe seyisala endleleni, ishaywa ngomkhaya bayo baKwaZulu-Natal iRichards Bay, kanti uDarren Keet utshele iLisenethini ukuthi bazigwaze ngowabo.
IRichards Bay ibakhiphe kwiCarling Knockout, ibahlula ngo 3-1 eMhlathuze Sports Complex ngoMgqibelo ntambama.
Lokhu kwenzeke yize iDurban City kuyiyo elishaye kuqala igolo ngasekuqaleni kwesiwombe sesibili – lishaywe uBokang Mokwena ngomzuzu ka-52.
“Ibhentshi lethu lenze iphutha elibi eliholele ekutheni sihlulwe kulo mdlalo,” kuvuma lo nozinto onamava.
“Benze iphutha ngokukhipha abadlali abebesebenza kanzima, okwenze imbangi yabuyela emdlalweni” kusho uKeet obephatheke kabi ngalezi zinqumo.
Lezi zinguquko ezenziwe yiDurban City zidale umonakalo, njengoba iRichards Bay ibe seyibuyela emdlalweni, yahlasela ingaphezi nhlangothi zonke.
Igcine ilitholile igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-84, elishaywe ngumakadebona womgadli uKnox Mutizwa.
Umdlalo uphele ngo 1-1 emizuzwini engu-90 wadlulela esikhathini esengeziwe njengoba bekumele kube khona egoba uphondo.
Yilapho ke iRichards Bay ishaye khona igoli lesibili ngomzuzu ka-100, lishaywa nguMbulelo Nombengula, elesithathu lashaywa nguLundi Mahala.
Ekupheleni komdlalo, bekucacile ukuthi abekhempu yeDurban City abenelisekile ngezinqumo zomqeqeshi.
FUNDA NALA | UPetersen uthembisa ukuhola ngezenzo kwiChiefs
Kubonakale nosihlalo uFarook Kadodia enenguyazana nabathile, ebonakala ukuthi usele nemibuzo engaphenduleki ngokwenzekile.
IRichards Bay ibe yiqembu lokuqala ukuzibekisela indawo emaqenjini ayisishiyagalombili asele kwiCarling Knockout.
