
UBroos uhlola izinduku zakhe ezintsha ngoweNicaragua
Umqeqeshi weBafana Bafana u-Hugo Broos usenike abadlali abasebancane ithuba lokuziveza emdlalweni wobungani neNicaragua.
Omunye wabanikwe ithuba kulo mdlalo ngumdlali wasemuva u-Olwethu Makhanya ozobe edlala okokuqala eqenjini lesizwe elikhulu.
Umdlalo use-Orlando Amstel Arena kanti ungowokugcina weBafana kuleli ngaphambi kokuthi ilibangise kwiNdebe yoMhlaba.
U-Hugo Broos usebenzise leli thuba ukuhlola abadlali abambalwa abangajwayele ukudlala eqenjini lakhe.
Igama elinakeke kakhulu eqenjini eliqala umdlalo ngelikaMakhanya.
Ukuqokwa kwalesi sitobha esisesincane eqenjini eliya eMexico kubamangazile abaningi kodwa uBroos ugcizelela ukuthi sekunesikhathi emlandela.
“Silandela bonke abadlali futhi lowo ngumsebenzi wethu omningi,” kusho uBroos.
“Njalo ngoMsombuluko, mina noHelman Mkhalele siba sehhovisi futhi sibheka uhlu lwabadlali sibone ngobani abadlayo, futhi badlala kanjani.”
Uthe bebevele befisa ukumbiza uMakhanya ngoMashi, kodwa ngenxa yezizathu ezithile abangakwazi.
U-Hugo Broos uphinde wancoma indlela umdlali wasemuva adlale ngayo kahle kuMajor League Soccer.
“Imidlalo kaMakhanya e-US mihle kakhulu. Udlala yonke imizuzu neqembu lakhe.
“Uyisitobha esihle ngoba mude, unamandla — izinto ezibaluleke kakhulu ebholeni lesimanje.”
UMakhanya uqala kubadlali abane abasebasha emuva noSamukelo Kabini, Thabang Motuludi no-Ime Okon.
Ibophele kanje iBafana (4-3-3): Ricardo Goss – Samukelo Kabini, Thabang Motuludi, Ime Okon, Olwethu Makhanya – Siphephelo Sithole, Thalente Mbatha, Themba Zwane – Kamogelo Sebelebele, Tsepang Moremi, Lyle Foster.
Ebhenshini: Ronwen Williams, Sipho Chaine, Teboho Mokoena, Thapelo Maseko, Oswin Appollis, Aubrey Modiba, Khulumani Ndamane, Jayden Adams, Relebohile Mofokeng, Nkosinathi Sibisi, Evidence Makgopa, Mbekezeli Mbokazi, Iqraam Rayners, Bradley Cross noKhuliso Mudau.
