
ULilepo ususe okuneChiefs kwi-Insta, ukhonjwa phesheya
Usekhonjwa phesheya umdlali we-Kaizer Chiefs u-Glody Lilepo oke wavalelisa ngeziphansi ekuqaleni kwaleli sonto.
Manje lo mdlali odabuka eCongo DR usevele wenza kakhulu ngokuthi avele asuse zonke izitombe ezimmatanisa neChiefs kwi-Instagram yakhe.
Sekuvele ukuthi usevele uyosayina kwizinkunzi zaseScoland iGlasgow Rangers.
Kuthiwa usayine inkontileka yeminyaka emithathu neLight Blues, okuqeda isikhathi sakhe kwiBetway Premiership.
Kuvela ukuthi yize ilahlekelwe ngokuhamba kukaLilepo, kodwa idle kahle iKaizer Chiefs.
Imibiko ithi ithole u-R25 million ngalo mdlali wayo njengoba ebesasalelwe wunyaka kwinkontileka yakhe eNaturenan.
Nokho sekusale imibuzo ngokushiya kwakhe eNaturena njengoba esevele wasusa zonke izithombe zakhe egqoke imibala yaMakhosi kwi-Instagram.
U-Glody Lilepo ubengomunye wabadlali abenze kahle kwi-Kaizer Chiefs kulesi sikhathi asihlalile.
Amakhosi abengakakuqinisekisi ukuhamba kwakhe njengoba enzile ngamalungu ethimba labaqeqeshi.
Nokho kulindeleke ukuthi icacise ngokuthi uhambe kanjani lo mdlali ngokuhamba kwezinsuku ukuze abalandeli bathole iqiniso.
