
U-Eugene Zwane ‘uyabheja’ ngendodana yakhe, uthi kuzoyilungela
Inkakha ye-Orlando Pirates U-Eugene Zwane isiveze ukuthi inethemba lokuthi indodana yayo uSamkelo Zwane, uzolithola ithuba lokudlala kwiSiwelele maduze.
Lo mdlali oneminyaka engu-24 ubudala ubolekiswe yiKaizer Chiefs kuleli qembu lasrFree State ukuze athole isikhathi sokudlala esithe xaxa.
Nokho akumhambeli kahle njengoba esaqale umdlalo owodwa, eminye emihlanu wayidlala esuka ebhentshini.
Ngesikhathi yena esabolekisiwe, iChiefs isale yasayina abadlali abenza kahle kakhulu endaweni yakhe oLebohang Maboe noSiphesihle Ndlovu. .
Naphezu kwalokho, u-Eugene Zwane ugcizelela ukuthi indodana yakhe isendleleni efanele.
“USamkelo usesimweni esihle futhi usebenza kanzima. Ulinde ithuba lakhe nje,” kusho uZwane kwiSowetan.
“Umqeqeshi uyohlale ekhetha abadlali ngokusekelwe kulokho akudingayo, kodwa lokho akusho ukuthi sekuwukuphela komhlaba uma ungakhethiwe.”
Le nkakha eyazakhela igama kwi-Orlando Pirates iveze ukuthi izibonela mathupha nsukuzonke ukuzikhandla kwendodana yayo.
“Ngihlala naye, ngiyambona ukuthi usebenza kanzima kangakanani nokuthi udumala kangakanani uma engaqokwanga. Kodwa lokho kuyingxenye yohambo,” kwengeza yena.
U-Eugene Zwane uphinde waveza ukuthi umbango wejezi mkhulu kakhulu ebholeni lesimanje, njengoba amaqembu eseba nabadlali abangaphezu kuka-30.
“Awukwazi ukudlalisa bonke. Abanye bazobe besebhentshini, abanye babesezihlweleni,” kuqhuba uZwane.
“Okubalulekile ukuthi uqhuba kanjani ejimini, futhi ngikholwa ukuthi uzobuyela eqenjini maduze.”
Njengoba isizini isibheke emaphethelweni nje, uSamkelo Zwane bekungamsiza ukudlala njalo ukuze abe nethuba lokubuyela kwiChiefs.
