
U-Ethan Chislett uveza afisa ukukwenza kwiKaizer Chiefs
Umdlali wasesiswini weKaizer Chiefs obeseqala ukulibaleka, u-Ethan Chislett usekhumbuze abalandeli ukuthi kungani eshiye ibhola lase-Europe wajoyina leli qembu.
Lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala, ufike kwiChief evela kwiPort Vale kulindelwe lukhulu kuye yize ukusayinwa kwakhe kwamangaza abaningi kwazise ubengaziwa ebholeni lakuleli.
Ungene kwi-Instagram kuleli sonto, wachaza ukuthi ukuthuthela kwakhe eNaturena bekungekhona nje ngomsebenzi — kodwa bekungenhloso yokuvuselela igama lakubo.
Ku-Ethan Chislett, ukugqoka ijezi leKaizer Chiefs kusho okungaphezu nje kwekilabhu.
“Anginaso isiqiniseko sokuthi niyazi yini, kodwa umkhulu nobaba bebedlala lapha (eNingizimu Afrika),” kusho uChislett.
“Bengifuna ukuqhubeka nalelo fa futhi ngakhele phezu kwalo.” Ibhola lisegazini ngempela emndenini wakwaChislett.
Uyise, uDonovan, wagqama kwiManning Rangers, kanti umkhulu wakhe, uGordon, yena wake wamela iNingizimu Afrika ngeminyaka yawo-1970.
Naphezu kokuba ebengalithola iqembu e-Europe noma khona kuleli, u-Ethan Chislett uvumile ukuthi inhliziyo yakhe yayithatheke endaweni eyodwa – iNaturena.
“Bekukhona amanye amakilabhu, kodwa uma ngikhuluma iqiniso, akuzange kungixake nhlobo. Bengifuna ukudlalela iChiefs… “
FUNDA NALA | UNdah ushaye elaseLibya ngomzimba
Ngemuva kwesigamu sokuqala sesizini esingamhambelanga kahle ngenxa yokulimala, lo mdlali usezimisele ngokuveza ukuthi yini le eyayibatshazwa kuye.
“Bekuyimpumelelo enkulu nethuba kimina (ukusayina kwiChiefs,” usho kanje.
“Ngibheke ngabomvu ukuthokozisa abalandeli ngokuthi ngenze lokho okungangamandla ami ngaphakathi nangaphandle kwenkundla.”
