Ezintsha

U-Ertugral uveza ukuthi akahambanga kabi kwiCity

Lo mqeqeshi osemnkantshubomvu uzwakalise ukubonga eqenjini nakubadlali abesebenzisana nabo kuleli qembu.

ICity ikuqinisekisile ukuhamba kuka-Ertugral ngemuva kokungahambi kahle kwemiphumela emidlalweni yakamuva yeBetway Premiership. 

Leli qembu selinemidlalo engu-10 linganqobi, kanti lidlale ngokulingana kwemithathu, lahlulwa kweyisikhombisa. 

Lo makadebona wayekade eqokelwe ukuba ngumqondisi wezokuqeqesha, okuyisikhundla abezongena kusho ekupheleni kwesizini. 

Ubebambile ekuqeqesheni kuze kube kuphela isizini bese kuqashwa umqeqeshi abezosebenzisana naye.

Nokho, manje lokho kubukeka kungeke kusenzeka njengoba esesulile eqenjini futhi washiya. 

U-Ertugral uqale ngamandla ekuqeqesheni leli qembu, wanqoba imidlalo emithathu kwemine yokuqala. 

Kule ayinqobile kukhona nabebhekene kuyo nezinkunzi zaseSoweto iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, azishaye ngokulandelana. 

Lokhu kwenza kwabonakala efike noshintsho loqobo futhi kwamenza waqokwa waba nguMqeqeshi weNyanga ngoJanuwari. 

Kodwa izinto zasheshe zaba muncu ngemuva kwalokho – iqembuu lehluleka ukuthola imiphumela emihle.

Lo mqeqeshi oneminyaka engu-65 ubudala usebhale umlayezo wahe wokuvalelisa kuleli qembu nakubadlali, ebafisela okuhle. 

“Akulula neze ukuvalelisa, kodwa ngezinye izikhathi lo mdlalo usiholela ezindleleni ezingalindelekile,” ubhale kanje.

“Ngiyohlale ngibonga izinkumbulo, izifundo, nabadlali abamangalisayo engibe nenhlanhla yokubazi kangcono. 

“Nakuba ezinye izimo zingase zibonakale ziyishwa, ngikholwa ukuthi kuhlale kunethuba lokuziguqula zibe into enkulu.

“Angifisi lutho ngaphandle kwempumelelo nenhlanhla eqenjini. 

“Qhubekani niphushe, nihlale niqinile, futhi nginifisela inhlanhla ngaso sonke isikhathi. 

“Ngiyabonga ngakho konke — nginifisela konke okuhle ngohambo oluzayo.”

ICity isibeke obeyiphini lika-Ertugral uDiogo Peral njengophethe ithimba labaqeqeshi elekelelwa uRoger De Sa noLebogang Manyama.

Leli thimba labaqeqeshi yilo elizohola iqembu kule midlalo esele kuze kuphele isizini lapho ikilabhu izoqasha khona umqeqeshi ngokugcwele.