
UTinkler ushiye isigubhukane kwelaseGhana, ukhonjwa kwelePSL
U-Eric Tinkler useshiye isigubhukane kwizikhondlakhondla zaseGhana i-Asante Kotoko, ngemuva kokucela ukukhululwa kwinkontileka yakhe ngezizathu ezibhekene naye.
IKotoko ithe ibhodi “livumelene nesicelo somqeqeshi, u-Eric Tinkler, sokukhululwa kwinkontileka yakhe ngokushesha ngezizathu zakhe.”
Iqembu liveze ukuthi lizamile ukugwema ukuhlukana nalo mqeqeshi kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
“Izinhlangothi zombili zibe nezingxoxo ukuzama ukunqanda lesi sinqumo,” kusho iKotoko.
Nokho, ekugcineni iqembu lithi liphoqekile ukuba lihloniphe isinqumo sikaTinkler.
IKotoko iphinde yamncoma lo mqeqeshi ngesikhathi sakhe esifushane, yambonga “ngobungcweti nokuzinikela empumelelweni yeqembu.”
U-Eric Tinkler ushiya iKotoko eseyiqeqeshe emidlalweni emine yeGhana Premier League, wanqoba owodwa, wadlala ngokulingana emibili, wahlulwa kowodwa.
Kodwa ukuhamba kwakhe sekuvele kuvuse amahlebezi ngekusasa lakhe.
Kunemibiko ethi uTinkler angase abuyele eNingizimu Afrika ayothatha izintambo kwiDurban City.
Leli qembu lisathungatha umqeqeshi omusha ngemuva kokuxosha uKhalil Ben Youssef.
Igama likaTinkler lake lamataniswa neDurban City ngaphambi kokuqokwa kukaBen Youssef.
- FUNDA NALA | UKekana udalula imfihlo ngoMrembula
Okwamanje, iDurban City ayikakuqinisekisi ukuqokwa kuka-Eric Tinkler noma omunye umqeqeshi.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
