Bafana BafanaEzintsha

UMcCarthy yzibophezela kwiKenya, ufungela iBafana

Umqeqeshi weHarambee Stars, u-Benni McCarthy, usekucacisile ukuthi yena akahlanganise lutho neNingizimu Afrika futhi ngeke abe nazwelo nayo uma esebhekene nayo.

IKenya neBafana bazohubhana emdlalweni obalulekile wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ngoLwesibili ntambama.

Lo mdlalo uzodlalelwa eNyayo National Stadium eKenya, lapho uMcCarthy ezobe ebhekene khona nezwe azalelwa kulo okwesibili.

Ekhuluma esithangamini nabezindaba ngoMsombuluko, lo owayengumgadli weBafana ukubeke kwacaca ukuthi okusemqoka kuye wukuphumelela kweKenya.

“Yebo, iphasiphothi yami ingeyaseNingizimu Afrika, kodwa anginandaba nokuthi kwenzekani kwiBafana Bafana.

“Akukho lutho olungithinta emoyeni ngomdlalo wakusasa,” kusho uMcCarthy.

“Sizimisele ngokuthola amaphuzu ayisishiyagalolunye, ukuqala kusasa lokhu okusayo. 

“Inhliziyo yami ikwiqembu lesizwe laseKenya, futhi ngifuna ukulinika konke okusemandleni ami. Okunye kungazihambela ngendlela yakho.”

La mazwi aqhamuka ngesikhathi amathemba eBafana okuzibekisela indawo kwi-Afcon esesengcupheni. 

Ukwehlulwa noma ukulahlekelwa amaphuzu eNairobi kungawenza ube nzima kakhulu umsebenzi weBafana. 

UMcCarthy, owathatha izintambo zokuqeqesha iHarambee Stars ngoMashi ngonyaka odlule, ubelokhu egcizelela ukuthi umsebenzi wakhe udinga ukuzinikela okuphelele, kungakhathalekile ukuthi wazalelwa kuliphi izwe.

La mazwi akhe kulindeleke ukuthi avuse inkulumompikiswano kubalandeli bamazwe womabili. 

AbaseKenya bangase bawemukele njengophawu lokuzinikela emsebenzini wakhe, kanti abaseNingizimu Afrika bangase bangakuthokozeli akushilo.

U-Benni McCarthy usevele ushiye iBafana Bafana ibambe ongezansi ngesikhathi iKenya iyibamba ngo 2-2 emlenzeni wokuqala eSoweto.

Umyalezo kaMcCarthy ucacile: okwaseKenya kuza kuqala, konke okunye kuyalandela.