
U-Allende uphefumula ngokugajwa kweyePSL
- Intatheli yeLISENETHINI
Isihlabani seMamelodi Sundowns, uMarcelo Allende, sizwakalise ukuphoxeka ngokuphuthwa ezinye izindebe ngesizini edlule.
Uthi yena ungumdlali obeka phambili impumelelo yeqembu kunokubheka ukuhlonishwa yena ngayedwana.
Lo mdlali wasesiswini odabuka eChile ubambe elikhulu iqhaza emkhankasweni wokunqoba isicoco seligi ngesizini edlule, kodwa akazange atholwe nodowa umklomelo ekupheleni kwesizini.
Ekhuluma nabezindaba ngaphambi komdlalo weMTN8 la bezobhekana khona nePolokwane City ngeSonto, u-Allende ugcizelele ukuthi ukunqoba izindebe ezinkulu njengeCaf Champions League yikhona obekubalulekile kuye.
“Ngincamela indebe, uyazi, iyona nto ebaluleke kakhulu. Unqobe iNedbank Cup, iMTN8, neChampions League,” kusho u-Allende.
“Ngakho-ke inselelo enginayo kulo nyaka wukuthi ngigxile kulokho.
“Ukuhlonishwa komuntu ngamunye kimina yinto engasho lutho nhlobo.
Njengoba engena kwisizini yakhe yesithathu neSundowns, lo mdlali oneminyaka engu-25 unethemba ngomunye umkhankaso oyimpumelelo nezinkunzi zaseTshwane.
“Ngijabule lapha ngoba ngidlala imidlalo eminingi. Uma abadlali bedlala imidlalo eminingi, bayathuthuka.
“Futhi yilokho engikufunayo kule sizini – ukudlala, ukudlala, ukudlala,” kwengeza yena.
U-Allende uphinde wavuma ukuthi kumfanele ukugxekwa ngokungashayi amagoli ngokwanele, wathembisa ukuzithuthukisa kulokho.
OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa owayedlala kwiBafana
“Yebo, wonke umdlali unezinselelo ezihlukene. Ngicabanga ukuthi manje ngizoshaya amagoli mina ngakhe namanye amaningi,” kuphetha yena.
