Kudutshulwe kwabulawa owayedlala kwiBafana
- Intatheli yeLISENETHINI
Sekubulawe ngesihluku owayedlala kwiBafana Bafana eNdebeni yoMhlaba ka-1998 eFrance, uLebogang Morula.
Le nsizwa eyayingumdlali wasesiswini kuvela ukuthi idutshulwe esangweni ekhaya kubo eMmakau eNorth West ngoLwesithathu ebusuku.
Isizathu salesi sigameko esishaqisayo besingakaziwa. Unina wakhe, u-Elizabeth Morula uthi ufuna labo abenze lokhu baboshwe.
UMorula, oshone eneminyaka engu-57, waqala ibhola elikhokhelayo kwiJomo Cosmos ngaphambi kokudlulela eColombia naseTurkey.
Ngemuva kokuyeka ibhola elikhokhelayo, kuzwakala ukuthi uMorula wangena ebugebengwini njengoba ake waboshelwa ukubamba inkunzi.
OLUNYE UDABA: UMngqithi uphawula ‘ngoshelwe amanzi’ kwiDowns
Nokho lelo cala lagcina lisuliwe. Wabe wasolakala nasekuzibandakanyeni nezigebengu ezigqekeza amabhange.