Banyana BanyanaEzintsha

Sekuqhume isiteleka kwiBanyana Banyana kwiWafcon

Lokhu sekuphinde kwanekela izwe – nomhlaba wonke jikelele – amahlazo eSafa okuhluleka ukuphatha ngendlela efanele.

Lesi siteleka sabadlali siqala nje kusele izinsuku ezimbalwa kuqale iWomen’s Africa Cup of Nations eMorocco lapho kulindeleke ukuthi iBanyana Banyana ivikele khona isicoco sayo.

Leli qembu lesizwe labesifazane laseNingizimu Afrika lifike eRabat ngoLwesithathu, kodwa lanqaba ukujima ngoLwesihlanu.

Abadlali baveze ukungenami ngemihlomuko yemali engakhokhiwe yamakhempu ka-Ephreli noJuni.

Womabili lamakhempu abebalulekile emalungiselelweni abo omqhudelwano ngaphansi komqeqeshi uDesiree Ellis.

Ngokubika kweSABC Sport, abadlali bafuna iSafa ikhokhe le mali ngokushesha, bese beqhubeka nomsebenzi. 

Inhlangano eyengamele ibhola kulei kubikwa ukuthi yehlulekile ukukhipha imali okuvunyelwene ngayo naphezu kwezicelo eziningi.

Inhloko yethimba leBanyana Banyana eMorocco, uThabile Msomi ikhulumile neqembu ngoLwesine, izama ukugwema ismo esingesihle nesiyihlazo.

Utshele abadlali ukuthi lolu daba seludluliselwe kumengameli weSafa uDanny Jordaan. 

Kodwa-ke, abadlali bayishaye indiva leyo — balinde ukuthi uJordaan uqobo azikhulumele nabo mathupha.

Umdlali, okhulume ngombandela wokungadalulwa igama, uzwakalise ukukhungatheka.

“Asikaze sibe nomhlangano osemthethweni neSafa, ngisho ngaphambi kokuthi siye ekhempini. 

“Ngesikhathi sicela ukuhlangana nesikhulu esiphezulu, satshelwa ukuthi asitholakali. 

“Ngokuqondene nosikhulu esiphethe kwezemali nezokusebenza kwenhlanganno, sitshelwe ukuthi bakhathele ngemuva komhlangano we-NEC.”

Njengoba i-Wafcon ka-025 izoqala ngoJulayi 5, ukuvikela isicoco kweNingizimu Afrika sekulengela eweni.

Ngaphandle uma iSafa ingena ngokushesha ukuze ixazulule le nkinga futhi ibuyisele isimo kwesifanele ekhempini.

Kuzokhumbuleka ukuthi nangaphambi komqhudelwano odlule, kwaze kwasiza ukungenelela komnyango wezemidlalo.