
Sekungenelele elepolitiki kwekaBroos – limsola ngokucwasa
Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos usesolwe ngokukhuluma amazwi anobandlululo nokucwasa ngokobulili angahambisani nezinseko zomthethosisekelo wezwe.
I-United Democratic Movement (UDM) isifake isikhalo kwiHuman Rights Comission of South Africa (SAHRC), inxusa ukuba kuphenywe uHugo Broos.
Lokhu kungenxa yalokho akushilo okuchazwe ‘ngokucwasa ngokwebala nangokobulili” okwenziwe yilo mqeqeshi weBafana Bafana ngesikhathi ekhuluma ngoMbekezeli Mbokazi nemenenja yakhe.
UHugo Broos ugxeke esidlangalaleni uMbokazi ne-Orlando Pirates kulandela ukufika kwalomdlali wasemuva sekudlule isikhathi abelindelwe ngaso ekhempini yeqembu lesizwe ngoLwesithathu.
Lo mqeqeshi waseBelgium oneminyaka engu-72 ubudala uchaze lesi sigameko ngokuthi “siyisimo sengqondo sokungahloniphi umsebenzi komdlali waseNingizimu Afrika.”
“Ngizoba nengxoxo naye ngemuva kokujima, futhi ngingakuqinisekisa ukuthi njengamanje ungumuntu omnyama kodwa uzophuma egunjini lami esengumlungu,” kusho uBroos.
Kubikwa ukuthi uphinde wabiza imenenja kaMbokazi, uBasia Michaels, njengowesifazane ‘omncane omuhle’ ngesikhathi ekhononda ngokusayina kwakhe kwiChicago Fire.
Esitatimendeni esikhishwe ngoLwesine, unobhala-jikelele we-UDM uYongama Zigebe uthe sebebhalele i-SAHRC neSafa ukuzwakalisa ukukhathazeka nokunengeka kwabo ngale nkulmo kaBroos.
“Amazwana abikiwe, anenhlese yobuhlanga, alulazayo, futhi anokucwasa ngokobulili, awakwazi ukuthathwa kancane,” kusho uZigebe.
“Anesisindo esikhulu emphakathini onomlando nosazikhotha amanxeba adalwa wubandlululo lobuhlanga nokucwasa ngokobulili.
“Abantu abasezikhundleni, ikakhulukazi labo abaphathiswe amaqembu esizwe, banezibopho zokugqigquzela ukungacwasi ngokobuhlanga, ngokobulili, inhlonipho nokulingana.”
FUNDA NALA | UZwane ubhodle ngobunzima abhekana nabo kwiChiefs
I-UDM icele i-SAHRC ukuthi:
- •Iqale uphenyo oluzimele mayelana nalezi zinkulumo zikaBroos.
- Inqume ukuthi ukuphawula kwakhe ingabe akunakho yini ukucwasa okungafanele, inkulumo enenzondo, noma ukwehlisa isithunzi ngaphansi kwe-PEPUDA noMthethosisekelo.
- Ixoxisane neSafa ngokuzibophezela elulweni nokucwasa ngokwebala, ukulwisana nokucwasa ngokobulili, nokuvikela abantu emaqenjini esizwe.
- Ikhiphe izincomo zokuqinisekisa ukuziphendulela, isexwayiso nokuvinjelwa kwezigameko ezifanayo ngokuzayo.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
