Ezintsha

Ishela izingwevu ezinamava iDurban City eqinisa iqembu

Izingwevu ezake zadlala kwiBafana Bafana uDarren “Popeye” Keet, uThulani “Tyson” Hlatshwayo noLorenzo Gordinho ngabanye babadlali abafunwa yileli qembu.

Ngemuva kokuqokwa kwakamuva kukamakadebona womqeqeshi uGavin Hunt, iDurban City isibumba kabusha iqembu ngaphambi kokubuya kwayo esigabeni esiphezulu. 

UHunt ungee esikhundleni sikaSimo Dladla, obehola leli qembu ngesikhathi linqoba iMotsepe Foundation Championship ukuze linyukele kwiPremiership.

UDladla yena usejoyine omakhelwane beCity, AmaZulu FC njengephini lika-Arthur Zwane.

I-SABC Sport manje ibika ukuthi uHunt usevele ufake uhlu lwabadlali abadingayo kuleli qembu.

Kulaba kubalwa unozinti uKeet nabadlali basemuva uGordinho noHlatshwayo — bonke abatholakala mahhala ngemuva kokuphela kwezinkontileka zabo ekupheleni kukaJuni.

UKeet ukuqinisekisile ukushiya kwakhe kwiCape Town City, lapho abedlala khona noGordinho.

Nokho ukuthi uyaphi ukusuka lapho usakugcine njengemfihlo yakhe okwamanje. 

UGordinho noKeet bebengabadlali abagqamile eqenjini leCape Town City eligcine lidliwe yizembe ngemuva kokuhlulwa emidlalweni yokuhlunga muva nje.

Khonamanjalo, uHlatshwayo usize iSuperSport United ukuthi igcine iligwemile izembe.

Nokho ngemuva kwalokho iqembu libe selidayiselwa iSiwele FC ezinze eBloemfontein. 

UHlatshwayo, owayengukaputeni weBidvest Wits phambilini usebenze ngaphansi kukaHunt kwiBidvest Wits nakwiSuperSport phambilini. 

I-Durban City yakhe nethimba labaqeqeshi eliqinile. Iqoke u-Ernst Middendorp njengomqondisi wezokuqeqesha.

Manje kuvela ukuthi maduze nje izokwengeza uKaitano Tembo ebhentshini likaHunt. 

Owayengunozinti weKaizer Chiefs neBafana uRowen Fernandez usejoyine leli qembu njengomqeqeshi wonozinti.

Yize izinkontileka zikaKeet, uTyson noGordinho zingakasayinwa, imithombo ithi ikilabhu izimisele ngokufeza isicelo sikaHunt ngabo.

Njengoba lisayina abadlali abanamava futhi iqoke nethimba labaqeqeshi elingomakadebona, i-Durban City ibukeka izimisele ngokuzolwa kwiPremiership.