
U-Ellis ubheke isiqalo esiqinile kwiBanyana kweyeWafcon
Umqeqeshi weBanyana Banyana, uDesiree Ellis, ukugcizelele ukubaluleka kokuqala ngamandla kwiCaf Women’s Africa Cup of Nations (Wafcon).
IBanyana Banyana izoqala lo mqhudelwano oseMorocco ibhekane nelaseGhana emdlalweni kaGroup C eHonneur Stadium ngoMsombuluko ebusuku.
U-Ellis uzimisele ukuqala ngegiya eliphezulu — njengoba benza emkhankasweni wabo abagcina benqobile kuwo ngo-2022.
“Kokubili ngo-2018 nango-2022, saba nemiphumela emihle yokuvula esakhela phezu kwayo umkhankaso wethu,” kusho u-Ellis.
“Siyazi ukuthi iGhana iphuthelwe wumqhudelwano odlule, kodwa isalokhu iyiqembu elinamandla ezwenikazi. Lo mdlalo uzoba yinselelo enkulu.”
IBanyana Banyana ingena kulo mqhudelwano njengompetha abavikela indebe eyiphakamise okokuqala ngqa ngo-2022.
Naphezu kokunqoba okuyingqophamlando, u-Ellis ugcizelela ukuthi baya emqhudelwaneni walo nyaka ngaphandle kwengcindezi.
“Asizile ukuzodlala njengompetha, sizodlala njengawo wonke amaqembu alwela isicoco. Sigxile ekubhekaneni nomdlalo ngamunye.”
Lo mqhudelwano, obuhlelelwe ukuba ngo-2024, uhlehlisiwe ngenxa yokushayisana neminye imiqhudelwano njengama-Olympics.
U-Ellis akazange azibambe, waveka ukukhungatheka kwakhe ngalokhu kuhlehliswa kwale midlalo.
“Masilikhulume iqiniso, ibhola labesifazane alikathathwa njengelibalulekile ngokwanele.
“Kube lula nje ukuhlehlisa lo mqhudelwano. Kodwa ke akusenani, sesiwulungele manje.”
Eyokunganakwa ngabezindaba uma kuqhathaniswa namanye amaqembu akulo mqhudelwano, u-Ellis ayimkhathazi.
“Sisebenze kanzima kakhulu ukuthi sesingaphazanyiswa yizinto ezincane.
“Sizodedela abanye bathole ukunakwa wabezindaba — thina sizozikhulumela enkundleni.”
Ibophele kanje iBanyana emdlalweni wayo neGhana:
- Abaqalayo: Dlamini – Ramalepe, Makhubela, Mbane, Dhlamini – Jane, Magama, Motau, Cesane – Motlhalo, Seoposenwe
- Ebhentshini: Mgaia, Donnelly, Mthandi, Mohlakoana, Holweni, Mogolola, Salgado, Mhlongo, Swart. Swart, Magagula
