
‘Pheza ukweya abadlali bethu,’ ingwazi ixwayisa uBroos
Owayeyisihlabani saMaZulu FC, uThabo “Dona” Mabaso usenxuse umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos ukuba apheze ukuphawula kabi ngabadlali angabadingi eqenjini lakhe.
UMabaso ukholwa ukuthi uHugo Broos ukhombisa ukungahloniphi ngendlela aphawula ngayo.
Uthi izinto azishoyo zehlisa isithunzi sabadlali namaqembu futhi ufuna awuyeke lo mkhuba wakhe.
“Leli khehla kumele liyeke le nto eliyenzayo,” kubhala uMabaso kuFacebook ngoLwesithathu.
“Awubaqoki abadlali beKaizer Chiefs nanoma yimuphi omunye umdlali, kulungile. Kodwa yeka ukukhuluma ngabo noma ukubukela phansi amaqembu abo.
“Owakho umsebenzi wukuqeqesha iqembu lesizwe – gxila kulokho. Yekela ukucekela phansi abadlali bethu noma amaqembu.
“Kumele uxolise kuGift Links noThembinkosi Lorch uma kuwukuthi ungumholi oqotho.”
UHugo Broos uthe uLorch usephelelwe yisikhathi kwiBafana, wathi uLinks akekho ezingeni alidingayo kumdlali weBafana.
UThabo Mabaso unxuse lo mqeqeshi ukuthi angawungcolisi umsebenzi omuhle awenzile kwiBafana ngokukhuluma amazwi ahlabayo nangadingekile.
“Abaholi abakwenzi lokhu okwenzayo. Noma yini oyishoyo – ingaba yiqiniso noma amanga – kodwa akuyona indawo yakho,” kuqhuba uMabaso.
“Okwakho ukubhekana neqembu lesizwe nokwengamela amaqembu esizwe amancane ngenjongo yokuqinisekisa inqubekela phambili.”
“Ngalezi zinto ozishoyo ususa igugu empumelelweni oyitholayo enkundleni neBafana.
“Sicela ugxile eqenjini futhi uyeke lokhu kugxeka abadlali bethu baseNingizimu Afrika.”
FUNDA NALA | UNdlanya uxwayisa iChiefs ngoWandile Duba
Njengamanje iBafana isekhempini ilungiselela umdlalo wobungani neZambia eGqeberha ngoMgqibelo kusihlwa.
Lo mdlalo uzoba seNelson Mandela Bay Stadium kanti uzoqala ngo-6 ntambama. Owokugcina ngaphambi kokuqala kweCaf Africa Cup of Nations (Afcon).
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
