EzintshaKaizer Chiefs

Petersen: IChiefs kaNabi isikulungele ukulwela izindebe

Kusukela kwiCarling Knockout, uBrandon Petersen, ongunozinti weKaizer Chiefs, uthi bafunaukulwela zonke izindebe abazodlala kuzo kule sizini. 

Emzuliswaneni wokuqala weCarling Knockout, Amakhosi aqhathwe neSuperSport United nayo efuna ukubuyela ekubeni yiqembu elinqoba izindebe.

Kodwa njengoba iChiefs seyingaphansi kobuholi bukaNasredinne Nabi, leli qembu liyiqale kahle isizini kwiBetway Premiership. 

IChiefs inqobe emibili emidlalweni emithathu yokuqala kwiligi, isahlulwe kanye nakhona ishaywa yiziqhwaga zaseTshwane, iMamelodi Sundowns.

Ekhuluma nabezindaba ngemuva kokuqhathwa kwamaqembu kwiCarling Knockout, uPetersen uthe iqembu elisezingeni leChiefs kufanele lilwele izindebe wonke amasizini. 

“Inhloso wukulwela yonke indebe ezobekwa phambi kwethu,” kusho uPetersen ongakadlali kule sizini njengoba uNabi esebenzisa uFiacre Ntwari. 

“Abantu abaningi siyabezwa nje bethi kuseva kakhulu (ukunqoba indebe) nomqeqeshi uNabi. 

“Kodwa ekugcineni, iqembu elisezingeni leChiefs kumele lizilwele izindebe. 

“Ngicabanga ukuthi abadlali manje basesimweni sengqondo la befuna ukulwela zonke izindebe.”

Uthi indlela yokucabanga nokuzethemba eqenjini kujike kakhulu futhi lokho kufakazelwa yindlela eliqale ngayo kwiligi.  

“Emidlalweni yokuqala esisayidlalile, uyabona ukuthi yiqembu elihlukile, indlela yokudlala ihlukil, futhi kunozinzo. 

“Loo zinzo yilona olubalulekile futhi ngenye yezinto ithimba elisha labaqeqeshi eliyilethile. Ukusuka la singaba ngcono kuphela.”

Amakhosi njengamanje asendlaleni yezindebe yeminyaka eyisishiyagalolunye futhi akubheke ngabomvu ukuyiqeda.

Mhlawumbe iCarling Knockout yiyona ndebe leli qembu elingakwazi ukuvuka ngayo, libuyise isithunzi salo.