
Sizobolekiswa isihlabani sePirates esinyiwa yijezi?
– Sibongiseni Gumbi
UVincent Pule uqale imidlalo emithathu nje vo kwi-Orlando Pirates ngesizini edlule, okuyinto engeyinhle kulo mdlali onekhono elihle kangaka.
Lokhu kwenza kucace ukuthi uVincent Pule kungenzeka akekho ezinhlelweni zomqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro.
Phela uPule ulizwa ngendaba ijezi selokhu kwafika uRiveiro kuleli qembu.
Ukufika kukaPatrick Maswanganyi nokukhushulelwa eqenjini elikhulu kukaRelebohile Mofokeng nakho akumsizanga ngalutho lo mdlali owake wadlala kwiWits.
Futhi manje, imibiko iveza ukuthi kungenzeka kubolekiswe ngaye.
Phambilini uPule ubemataniswa neMamelodi Sundowns kanti nowayengumqeqeshi wakhe kwiWits, uGavin Hunt, kubikwa ukuthi uyamfuna.
Lo mgadli we-Orlando Pirates udlale imidlalo engu-57 ngaphansi kukaGavin Hunt ngesikhathi esekwiBidvest Wits.
“Izinkunzi zaseSoweto zizonquma ukuthi uzobolekiswa yini ngesizini entsha noma uzokhetha ukuhlala eqenjini alwele ijezi,” ufundeka umbiko we-Kick Off.
UPule ubemataniswa neSuperSport United ngesizini edlule, kanti manje kulandela ukudonsa kanzima kuleli qembu, sekungenzeka aye kuyo.
“UVincent Pule welule inkontileka yeminyaka emithathu ngonyaka odlule.
“Nokho lo mdlali wasesiswini wePirates uthwale kanzima ezama ukuphinde athole indawo yakhe eqenjini ngenxa yokulimala…
OLUNYE UDABA: UKhanye uncoma ukuqashwa kukaNasreddine Nabi kwiChiefs
“Owayengumqeqeshi weBidvest Wits uGavin Hunt weSuperSport United useke wabuza ngokuthi engatholakala yini,” kubika iGoal.Com
